Ibhoshi
Ibhoshi liwucezu lesigcoyi sokuthuthwa kwendle (umchamo nendle) futhi ngezinye izikhathi Isishidabi, ukuze kuyolahlwa. Ibhoshi lisebenzisa amanzi, kuyilapho kukhona amabhoshi angasebenzisi amanzi. Amabhoshi angaklanyelwa ukusetshenziswa uhlezi, abe nesihlalo sasebhoshi, ikakhulu uma kucatshangelwa abakhubazekile, noma ukusetshenziswa uqosheme, okuvame kakhulu e-I-Asia, lapho ebizwa khona ngokuthi ibhoshi lokuqoshama. Ezindaweni zamanxuluma, amabhoshi anamanzi axhunywe nohlelo lokuthutha indel: ezindaweni eziqhingiwe, axhunylwe nethangi lendle. Amanzi wedle kuthiwa amanzi amfipha. Amabhoshi aswele amanzi wona indle ayifaka emgodini, noma isiqukathi esikhishwayo noma esinye isiqoqonga nesiklamo sokukhipha indle nomchamo. NgesiZulu ibhoshi kuthiwa INdlu yangasese.
Ubuchwepheshe obusetshenziswa amabhoshi wanamuhla buyahlukahluka. Kukhona amabhoshi akhiwe ngenhlakasha (ceramic), ukhonkolo, ucwazi noma ukhuni. Ezobuchwepheshe ezintsha zokukhanda amabhoshi zihlanganisa ukugolokoxa (flushing) okukabili, ukugolokoxa okuphansi, isihlalo sebhoshi esifudumalayo, ibhoshi elizihlanzayo, izithunda zabesifazane nezithunda eziswele amanzi. Izindiza zinamabhoshi akhandelwe ukusebenza emoyeni. Ngokuvamile ebhoshi kusetshenziswa isshidabi ukuze kugcinwe inhlanzeko yomuntu.