IPhumezi

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Ihhabhula)

IPhumezi liyisithelo esidliwayo esithelwa isihlahla sephumezi (Malus domestica). Izihlahla zephumezi zilinywa mhlaba wonke futhi ziwumqhinqo olinywa kabanzi esizalweni Malu. Lesi sihlahla indabuko yaso ise-Eshiya ephakathi, lapho ukhokho waso wandulo, obizwa Malu sieversii, etholakala khona nanamuhla. Amaphumezi ayelinywa izinkulungwane zeminyaka kwelase Eshiya naseYurophu futhi asatshalaliswa umhlaba wonke, okwaba ukufika kwawo eNingizimu afrika ngezikhathi zobukoloni.