Jump to content

Ihowombulunga

Kubuya ku Wikipedia
Ukukloloba kwezulumbulunga (ontshungwa), ihowombulunga (olundwa) kanye neshambulunga (omnyama) lapho kuqala khona isango lomoyambulunga, okushiya izithiyo, njengakulesi simo sokungena kabusha kwendizamkhathi .
Isibunge sezingakukushisa njengoba ulinganiswe yizivoko phakathi kukaJanuwari 1979 noDisemba 2005 endaweni engezansi yehowombulunga egxile cishe kumakhilomitha ayi-18 ngaphezu kobuso boMhlaba.

Ihowombulunga ubuhalalazi besibili obuphansi kakhulubomoyambulunga boMhlaba, obutholakala ngaphezu kwezulumbulunga nangaphansi kweshambulunga. Libizwa ngokuthi ihowombulunga, leli gama liyibizongxube elithi uhowo nelithi mbulunga, futhi yakhiwa yizindawo zokushisa ezihlukaniswe ngamazinga ohowo, lapho izingqimba zomoya ezifudumele ziphezulu (eduze nomkhathinga ) kanti ubuhalalazi obupholile buphansi (eduze nobuso bomzulane uMhlaba). Ukwanda kwezingakushisa ngokuphakama kuyimbangela yokumuncwa kwemisebe kazukhwithi (UV) yeLanga ubuhalalazi bentshongohwe, lapho intshongohwe ifakwa khona kusOhwe ngendlela ejikelezayo . Lokhu kuguquka kwezingakushisa kuphambene nezulumbulunga, lapho izingakushisa lehla ngokuphakama, futhi phakathi kwezulumbulunga kanye nehowombulunga kukhona umngcele we -tropopause ohlukanisa ukuqala kokuguquka kwezingakushisa.