Jump to content

Ikhanka

Kubuya ku Wikipedia
Ikhanka

Ikhanka yisilwane sasendle esincane kuya kwesiphakathi esingumndeni wezinja. Inomzimba omncane, imilenze emide, izindlebe ezicijile nomsila onezinwele eziningi. Ikhanka ihlakaniphile futhi iyakwazi ukuphila ezindaweni ezahlukene.[1]

Ikhanka idla izilwane nezitshalo ezahlukene zokudla. Idla izilwane ezincane njengonogwaja, izinyoni, amagundane nezinambuzane. Iphinde idle izithelo kwesinye isikhathi idla izinselela zezilwane ezifile.[2]

Ikhanka izalana ngokukhwelana. Ikhanka yesifazane izala abadlwane ababili kuya kwayisithupha emva kokukhulelwa isikhathi esingaba yizinyanga ezimbili. Amakhanka atholakala ezindaweni eziningi zase-Eshiya naseYurophu. Avame ukutholakala emathafeni, ezindaweni ezinotshani, ogwadule nasezindaweni ezinamahlathi.[3]

  1. ↑ "Jackal | African Wildlife Foundation". www.awf.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-10.
  2. ↑ "Black Backed Jackal - Mammals - Africa..." www.krugerpark.co.za. Kulandwe ngomhlaka 2026-08-10.
  3. ↑ "Factsheets | Better Planet Education". betterplaneteducation.org.uk (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-08-10.