Ikhonokufunda ngesicikizi

"Ikhonokufunda lescikizi" lichasiswa ngokuthi ulwazi nekhono lokusebenzisa ngokukhabangulayo izicikizi nezobuchwepheshe obuhlobene, ngamazinga wamakhono asukela ekusetshenzisweni okuyisisekelo kuya ekuhleleliseni isicikizi kanye nokuxazulula izinkinga. Ikhonokufunda lescikizi lingabhekisela futhi ezingeni lokusebenzisa izinhleleliso zesicikizi nezinhlelokusebenza. Esinye isigcoyi esibalulekile ukuqonda ukuthi izicilizi zisebenza futhi zigidinge kanjani. Ikhonokufunda lesicikizi lingahlukaniswa nokuhlelelisa isicikizi, okuhlozinge kakhulu ekwakhiweni nasemkitizweni wezinhleleliso zesicikizi kunokujwayelana nazo kanye nekhono lokusetshenziswa kwazo.[1] Amazwe ahlukahlukene, kufaka phakathi iNingizimu Afrika neMelika, asungule izinhlelo zokuthuthukisa amazinga kazwelonke ekhonokufunda lesicikizi.
Umongo
[hlela | Hlela umthombo]Ikhonokufunda lesicikizi lehlukile kwekhonokufunda lezezibhangqiwe, lona okuyikhono lokuxhumana noma ukuthola ukwaziswa ezinkundleni zezibhangqiwe.[2] Uma kuqhathaniswa, ikhonokufunda lesicikizi lilinganisa ikhono lokusebenzisa izicikizi nokuqonda ngokuqhubekayo indlela ezisebenza ngayo.[3]
Ikhonokufinda lesicikizi umuntu analo livame ukulinganiswa ngezibuzi, ezivivinya ikhona lakhe lokubhala nokuguqula isiqakaqo, ukulungisa izinkiya zesicikizi ukuhlelemba nokuhlaziya ukwaziswa esicikizini.[4][5]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Tobin, Catherine D. (February 1983). "Developing Computer Literacy". The Arithmetic Teacher. 30 (6): 22–23, 60. doi:10.5951/AT.30.6.0022. JSTOR 41190615.
- ↑ Buckingham, David (2010), "Defining Digital Literacy", in Bachmair, Ben (in de), Medienbildung in neuen Kulturräumen, VS Verlag für Sozialwissenschaften, pp. 59–71, doi:10.1007/978-3-531-92133-4_4, ISBN 978-3-531-16755-8
- ↑ "An Overview of Basic Computer Literacy Skills" (PDF). Harper College. Archived from the original (PDF) on 2023-09-30. Kulandwe ngomhlaka 2026-08-29.
- ↑ Kegel, RHP (2019). "Towards More Individualized Interfaces: Automating the Assessment of Computer Literacy" (PDF). BCSS@persuasive.
- ↑ Tobin, Catherine D. (1983). "Developing Computer Literacy". The Arithmetic Teacher. 30 (6): 22–23. doi:10.5951/AT.30.6.0022. JSTOR 41190615.