Jump to content

Ikhonokufunda ngezezibhangqiwe

Kubuya ku Wikipedia

Ikhonokufunda lezezibhangqiwe yikhono lomuntu lokuthola, ukucubungula, nokudlulisa ukwaziswa ngokusebenzisa iziklamo zezezibhangqiwe noma izinkundla zezinsizakuxhumana zezezibhangqiwe kanye nekhono lokugegezela, ukucubungula, ukudala, nokudlulisa ukwaziswa kusimondawo sezezibhangqiwe. Ikhonokufunda lezezibhangqiwe lihlanganisa amakhono obuchule nawokuqonda; kufaka phakathi ukusebenzisa ubuchwepheshe bokwaziswa nokuxhumana ukuze udale, ukucubungule, futhi wabelane ngokwaziswa, uphinde uhlole ngokuningilizayo imiphumela yakho yezenhlalo neyezombusazwe.[1][2]

Ikhonokufunda lesicikizi ekuqaleni lalihlozinge emakhonweni ezezibhangqiwe nasezicikizino ezizimele, kodwa ukufika kwe-koxhakaxholo nokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana kushintshe enye inhlozingo yabhekiswa eziklamweni eziphathwayo.[3]

Ikhonokufunda lezezibhangqiwe lihlobene, kodwa lihlukile, kwezinye izinhlobo zekhonokufunda. Ikhonokufunda lokwaziswa lihlozinge ekhonweni lokuthungatha, ukucubungula, nokusebenzisa ukwaziswa ngezinikino eziningi ezingafani. Ikhonokufunda lezinsizakuxhumana libhekisela ekhonweni lokuhlaziya nokuhlakahla imiyalezo yezinsizakuxhumana nethonya layo.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Digital Literacy". Welcome to ALA's Literacy Clearinghouse (in i-English). 2017-01-19. Kulandwe ngomhlaka 2020-10-22.
  2. ↑ Pangrazio, Luciana (2016-03-03). "Reconceptualising critical digital literacy". Discourse: Studies in the Cultural Politics of Education. 37 (2): 163–174. doi:10.1080/01596306.2014.942836. ISSN 0159-6306.
  3. ↑ Lynch, Matthew (2022-07-25). "Digital Literacy Training Improves Mobile Learning Outcomes". The Tech Edvocate (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-28.