Ikhonokufunda ngokwaziswa
INhlangano ebizwa Association of College and Research Libraries ichasisa ikhonokufunda ngokwaziswa "njengeqoqo lamakhono adidiyelwe ahlanganisa ukutholakala kokwaziswa, ukuqonda ukuthi ukwaziswa kukhiqizwa kanjani futhi kubaluleke kanjani kanye nokusetshenziswa kokwaziswa ekwakheni ulwazi olusha nokuhlanganyela ngokuziphatha okuhle emiphakathini yokufunda".[1][2][3][4] Embusweni Ohlangeneyo (UK), incasiselo yenhlangano ebizwa Chartered Institute of Library and Information Professionals nayo ibhekisela ekwazini kokubili ukuthi "kunini" nokuthi "kungani" ukwaziswa kudingekile.
Ngowe-1989 ikomiti lenhlangano yaseMelika ebizwa American Library Association (ALA) okwakuyi- Presidential Committee on Information Literacy yachasisa ngokusemthethweni ikhonokufunda ngokwaziswa (IL) njengezimfanelo zomuntu, ithi "ukuze abe onekhonokufunda, umuntu kufanele akwazi ukubona isidingo sokwaziswa futhi akwazi ukukuthungatha, ukukucubungula, nokukusebenzisa ngokufanele, konke ukwaziswa akudingayo".[5] Ngowe-1990, isifundiswa uLori Arp sashicilela iphepha elibuza ukuthi, "Ingabe ukuyaleziswa ikhonokufunda ngokwaziswa ñokuyaleziswa ngesichazamibhalo kuyafana?"[6] UArp waphikelela ngokuthi womabili lamagama awachasiswa kahle kakhulu osomchachiso noma abasebenzi emkhakheni. Ucwaningo olwengeziwe lwaludingeka ukuze kuncishiswe ukudideka futhi kuqhubeke nokuchaza izici zendaba.[6]
Isimemezelo sase-Alexandria sowezi-2005 sachasisa leli gama njengendaba yamalungelo abantu: "Ikhonokufunda ngokwaziswa lifukula abantu bazo zonke izinhlobo zokuphila ukuba bafune, bacubungule, basebenzise futhi badale ukwaziswa ngokuphumelelayo ukuze bafeze izimpokophelo zabo yomuntu siqu, ezenhlalo, zomsebenzi nezemfundo. Liyilungelo lomuntu eliyisisekelo ezweni lezezibhangqiwe futhi lithuthukisa ukuhlanganiswa komphakathi kuzo zonke izizwe".[7] [8][9] [10]
Kuye kwenziwa eminye imizamo eminingi yokuchasisa kangcono lesicabango nobuhlobo baso namanye amakhono nezinhlobo zekhonokufunda. Eminye imiphumela yendlela-kufundisa ehlobene nekhonokufunda ngokwaziswa ihlanganisa ikhonokufunda elijwayelekile, ikhonokufunda ngesicikizi , amakhono okucwaninga namakhono okucabanga ngokujulile. Ikhonokufunda ngokwaziswa njengomkhakha ongaphansi uyisihloko esifufusayo esithakazelisayo futhi esiyisinyathelo phengu phakathi kwabaqaqathi nabaphathi bemitapolwazi njengoba sekwanda isidukiso, Izindabambumbulu, kanye nenkohlisa.
Izazi ziye zaphikisana ngokuthi ukuze kukhuliswe iminikelo yabantu emphakathini wimbuso wabantu nemibonominingi, abafundisi kufanele babeke inselele kuhulumeni kanye nomkhakha womhwebo ukuba basekele futhi baxhase ngeizimali izinhlelo zezemfundo zekhonokufunda ngokwaziswa.[11]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Framework for Information Literacy" (PDF). Association of College & Research Libraries. 2016. p. 8. Kulandwe ngomhlaka May 1, 2022.
- ↑ "Information Literacy Defined, alternate definition - In the Library with the Lead Pipe" (DOC). inthelibrarywiththeleadpipe.org.
- ↑ Tilvawala, Khushbu; Myers, Michael D.; Andrade, Antonio Díaz (2009). "Information Literacy in Kenya". The Electronic Journal of Information Systems in Developing Countries (in i-English). 39 (1): 1–11. doi:10.1002/j.1681-4835.2009.tb00275.x. hdl:10292/1067. ISSN 1681-4835. Unknown parameter
|s2cid=ignored (help) - ↑ Gregory, Lua (2017). "Critical Information Literacy in Practice: A Bibliographic Review Essay of Critical Information Literacy, Critical Library Pedagogy Handbook, and Critical Literacy for Information Professionals". Communications in Information Literacy. 11 (2): 390–403. doi:10.15760/comminfolit.2017.11.2.10. ISSN 1933-5954.
- ↑ Stern, Caroline; Kaur, Trishanjit (2010-06-01). "Developing theory-based, practical information literacy training for adults". International Information & Library Review. 42 (2): 69–74. doi:10.1080/10572317.2010.10762847. ISSN 1057-2317. Unknown parameter
|s2cid=ignored (help) - 1 2 Arp, Lori (1990). "Information literacy or bibliographic instruction: semantics or philosophy". RQ. 30 (1). Template:Gale.
- ↑ "Alexandria Proclamation on Information Literacy and Lifelong Learning". United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (UNESCO). 2005.
- ↑ "What is the NFIL?". National Forum on Information Literacy. Archived from the original on 2012-01-16. Kulandwe ngomhlaka October 25, 2012. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "Presidential Committee on Information Literacy: Final Report". January 10, 1989. Archived from the original on 2012-11-13. Kulandwe ngomhlaka Oct 25, 2012. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ CILIP (4 April 2018). "What is information literacy?".
- ↑ McTavish, Marianne (April 2009). "'I get my facts from the Internet': A case study of the teaching and learning of information literacy in in-school and out-of-school contexts". Journal of Early Childhood Literacy. 9 (1): 3–28. doi:10.1177/1468798408101104. Unknown parameter
|s2cid=ignored (help)