Jump to content

Ikhwence

Kubuya ku Wikipedia
IKhwence lendlu ( Mus musculus )

IKhwence ( ubuningi. amakhwence ) liyisiququdi esincane. Ngokujwayelekile, amakhwence aziwa ngokuba nekhala elicijile, izindlebe ezincane eziyindilinga, umsila onamazinga onobude bomzimba, kanye nesivinini esikhulu sokuzala. Uhlobo lwamakhwence olwaziwa kakhulu yikhwene elivamile lasekhaya ( Mus musculus ). Amakhwence nawo athandwa njengezilwane ezifuywayo . Kwezinye izindawo, izinhlobo ezithile zamakhwence angamabuzi zivamile endaweni. Ayaziwa ngokungena emakhaya ukuze athole ukudla nendawo yokukhosela.

Ikhwence ngokuvamile lihlukaniswa ngobungako balo kunegundane. Amakhwence afuywa njengokunto, nawo anobungako obuhlikel kunekhwence elivamile. Lokhu kubangwa indlela azalana ngayo nezimo ahlala kuzo. Umxhantela wekhwence owaziwa kakhulu yilowo wekhwence elimhlophe lasezingqalabeni. Lokhu kungenxa yokuthi anezinkondolo ezifanayo, okuwenza abe usizo olukhulu kwezocwaningo.

Izingobe, amankentshane, izinyoni ezizingelayo, izinyoka, nezibankwa ezinkulu, nezinhlobo ezithile zezinambuzane, zonke zaziwa ngokudla amakhwence. Ngenxa yokuzivumelanisa nezimo eziningi, ikhwence liyisincelisi esiphumelela kunazo zonke ezinye eMhlabeni.

Ikhwence lengqalaba okwenziwa ngalo imigcanso

Kwezinye izimo, amakhwence athathwa njengezilokozambi (vermin). Izilokozambi yizona eziwumthombo oyinhloko wokulimalaza izitshalo, njengoba zaziwa ngokulimaza izilimo nokubhebhethekisa izifo. Amakhwence avame ukubhebhethekisa izifo ngamasimbana wazo futhi zivame ukuthwala izinhlwithamsoco. Ngokuyinhloko, amakhwence ayizilwane ezingalalebusuku, futhi njengoba zingboni kahle ngamehlo azo, zilekelelwa amadlebe wazo ukuze zibone ngokuzwa, futhi zisebenzisa nekhono lazo lokuhogela ukuze zithungathe ukudla futhi zibalekele izindlezinye.

Ukusetshenziswa kwawo abantu

[hlela | Hlela umthombo]

Njengezilwane zomgcanso

[hlela | Hlela umthombo]
Ikhwence elingcikishiwe nekhwence elivamile

Amakhwence avame ukusetshenziswa lapho kwenziwa imigcanso ezingqalabeni zokucwaninga izilwane, ikakhulu lapho kwenziwa ucwaningo kwezomchazampilo, nezomqondo, ngenxa yokuthi ayizincelisi ezifana ngezindlela eziningi nabantu. Amakhwence ayizincelisi eziwunongo leziphili olusetsheenizswa kakhulu kunamagundane. The mouse genome has been sequenced, and virtually all mouse genes have human homologs. The mouse has approximately 2.7 billion base pairs and 20 pairs of chromosomes.[1] Amakhwence Kulula ukuwaceaninga ngezindlela ezingavumelekile ukuba zenziwe kumuntu, nakuba kukhona izishoshovu zamalungelo izilwane ezingakuthandi lokho. Ikhwence elingcikishiwe (knockout mouse) liyikhwence eliguqulwe ezifuzisi futhi izifuzisi zalo zenziwa ukuba zingasasebenzi.

Izizathu zokukhetha amakhwence kwezocwaningo ukuthi kancane futhi awabizi kakhulu, awadli kakhulu futhi azalea ngokushesha.

Njengolunto olufuywayo

[hlela | Hlela umthombo]
Amakhwence awulunto

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "2002 Release: Draft Sequence of Mouse Genome". Kulandwe ngomhlaka 15 August 2016.