Jump to content

Ilabhulali Yezemfundo

Mayelana Wikipedia

Ilabhulali Yezemfundo eMUT, Umlazi

[hlela | Hlela umthombo]

Ilabhulali yezemfundo iyindawo ebalulekile lapho abafundi, othisha nabacwaningi bethola khona ulwazi oluhlukahlukene. Lezi zindawo zigcina izincwadi, amaphephabhuku, izincwadi eziku-inthanethi, kanye nezinye izinsiza ezisiza abafundi bafinyelele ulwazi olusha. Ilabhulali ayigcini ngokubolekisa izincwadi kuphela, kodwa futhi inikeza ukufinyelela kumakhommpyutha, inthanethi nezinhlelo zokufunda ezisiza ekwandiseni ulwazi.

Ilabhorethri ye inthanethi eMUT Labhulali

Emanyuvesi nasezikoleni ezinkulu, ilabhulali yezemfundo iyindawo yokucwaninga nokufunda ngokuzimela. Abasebenzi belabhulali basiza abafundi ngokubanikeza ulwazi lokuthi bangaluthola kanjani ulwazi oluthembekile noludingekayo ezifundweni zabo. Lezi zikhungo zidlala indima enkulu ekwakheni ikusasa eliqinile ngokusekela ucwaningo kanye nokufunda impilo yonke.