Ilondomininingo
Ilondomininingo noma ukulondolozw kwemininingo umdludlungu wokuvikela ukwaziswa kwezezibhangqiwe ukuze kulondwe ezinsongweni zakuxhakaxholo. Ilondomininingo kusho ukulondolozwa kwemininingo yezezibhangqiwe, njengaleyo etholakala kuzizindamininingo, ivikelwa endluzuleni ebhubhisayo nasezenzweni ezingafuneki zabasebenzisi abangagunyaziwe, njengokuhlasela kuxhakaxholo noma ukuputshuka kwemininingo. Ilondomininingo lilondoloza izigciyo zesicikizi, ihlelokusebenza, iziqoqongelo, kanye nemininingo yeziklamo zabasebenzisi. Ilondomininingo lilondoloza imininingo yezinhlangano, izinkampani kanye nezilawuli zokuphatha.
Ilondomininingo liqinisekisa ukuvikelwa kwemininingo yomuntu ngamunye, njengemibhalo yomazisi kanye nemininingo yasebhange, futhi kuvimbela abangagunyaziwe ekuyifinyeleleni, ekwebeni kanye nokulahleka kwemininingo yomuntu ngamunye. Ilondomininingo livikela ukuputsheka kwemininingo okwenzeka ezinkampanini nasezimbonini. Izinyathelo ezinhle zokulondoloza imininingo ezimbonini zinciphisa amathuba okuputshuka kwemininingo, futhi abasebenzi bangathembela enkampanini ngokuphathwa kwemininingo yabo kanye nokwaziswa okuyimfihlo ukuthi kugcinwe kuphephile kuyilapho izinkampani ziqhubeka nokuba idumela elihle.
Unxantathu we-CIA (Ubumfihlo, Ubuqotho, kanye Nokutholakala) kusetshenziselwa wona ukubheka ukuthi ukulondolozwa kokwaziswa kwenza okufanele. Ubumfihlo, buvikela ukwaziswa ekufinyelelweni ngendlela engagunyaziwe; Ubuqotho, buqinisekisa ukuthi imininingo ithembekile; kanye nokutholakala, okusho ukuthi imininngo ingafinyelelwa abasebenzisi abagunyaziwe uma idingeka; lo nxantathu uyimigomo emithathu yokuphepha kwedatha. Ukungalahlwa encasiseselweni yelondomininingo, kusho isiklamo/inkonzo ekhombisa ukuthi imininingo ivelaphi kanye nobufakazi bobuqotho. [1]