Imithetho Yokubhala Nobhalomagama Lwesizulu

Mayelana Wikipedia

Ulimi oluhlelembeke (standardised)kahle lunohlelo oluthile lokuhambisanayo ekusetshenzisweni kwalo. Ulimi luyahambisana nokuhlelemba uma lunezincwadi zohlelo (grammar books), lunemithetho yokubhalwa, lunezichazamazwi kanye namatemu amasha anembayo. Nokho phela ulimi luyaguquka, luthuthuke, kudingeke ukuba luhambisane ngandlela thize nesimanje. Yikho-ke ukuluhlelemba kuyinto elokhu iqhubeka njalo.

Ulimi akuyona into eyisimbelambela, ngoba ide iba khona inguquko emagameni atholakala olimini ngenxa yemithetho yokubhalwa nokubhala isiZulu. Lezi zinguquko zibonakala kakhulu endleleni yokubhalwa kwamagama okude kuguquka ukuze kuhambisane nentuthuko ekhona. imvamisa imigomoeyisisekelo yokubhala akuguquki kodwa uma seluthuthuka ulimi sekuhlangana nokuyisimanje, iyathinteka indlela yokubhala nemithetho yokubhala.