Imizwa
Imizwa ilokhu esikuzwa ngaphakathi kithi kanye nasekhanda lethu ngenxa yezinto ezenzeka kithi ngalesoskhathi. Imizwa ihlukene kaningi kukhona umuzwa wokujabula, umuzwa wokudangala, umuzwa wosizi, umuzwa wokukhathazeka kanye nomuzwa wothando. Imizwa ayibonakali ngamehlo kodwa ibonakala ngezenzo zomuntu kanye nesimo akuso sikhomba ukuthi usemizweni enjani ngalesoskhathi[1]

Umuzwa wokujabula yisimo esimnandi kakhulu umuntu asizwa ngaphakathi enhlizweni nasemqondweni lapho kwenzeku kumuntu into enhle noma abekade eyifisa. Uma ejabule uzwa ngathi inhliziyo ibalula, umzimba unamandla, ungahleka wedwa uhlabelele umamatheke ufune ukwabelana nabanye ngalokhu okuzwayo. Ziningi izindlel ezingakwenza ukuthi ujabule, Ulapheka umphefumulo uma ujabule, unike ithemba, ukujabula kuyathelelana uma kujabule umuntu nabanye bayajabula.[2]
Umuzwa wokudumala yisimo esinzima nesibuhlungu lapho kwenzeke kumuntu into engekho yinhle kungaba ukwehluleka ezintweni abezizama, ukulahlekelwa abantu noma izinto abezithanda. Lomuzwa ukwenza ngathi ungahlala wedwa ukhale ungabonwa nangabantu, kuyasiza ukuthi ungavaleli ubuhlungu kodwa ukhuluma kuyasiza ukukhala kuyasiza ngoba ubuhlungu obuzwa ngaphakathi buyaphola. Lomuzwa usenza siqonde kancono abanye abasesimeni esifanayo.[3]
- ↑ "What Are Feelings? | Psychology Today". www.psychologytoday.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-19.
- ↑ "How Do Psychologists Define Happiness?". Verywell Mind (in i-English). Archived from the original on 2026-03-16. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-19.
- ↑ "I Feel Depressed: 9 Ways to Fight Depression". HelpGuide.org (in i-English). 2022-12-01. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-19.