Impumelelo

IMPUMELELO
Mhlampe uyazibuza ukuthi iyini impumelelo yangempela? Noma mhlampe uyazibuza ukuthi yini engaba yimbi ukudlula ukungaphumeleli? Impumelelo ivezwa njengendlela yokulandela amaphupho akho noma ukubona zonke izifiso zakho zifezeka. Kantike futhi ayikho into embi engadlula ukungaphumeleli, Ukubona amaphupho akho eshabalala, Ilapho ogcina usunquma izinqumo ezingalungile ezibizwa ngezinhlobo zempumelelo kwazona. Mhlampe uyazibuza ukuthi kanjani ukushabalala kwamamphupho kubizwa ngohlobo lwempumelelo ethile?Impela kuwuhlobo oluthile olubizwa ''ngempumelelo yokuzikhohlisa''. Ilapho uphumelela khona ngezithukuthuku zabanye abantu[1] okungaba ukubamba inkunzi, ukuthwala,ukukhohlisa abantu ngenhloso yokubaqola imali. https://www.jw.org/zu/umtapo/inegzi.
Kune zici ezine ezibalulekile ezikuholela empumelelweni yangempela:
- Ukuphokophela nokuphikelela
- Ukuphila ngendlela efanele
- Ukucinga ulwazi ngokusebenzisana nabantu asebephumelele phambi kwakho
- Ukufunda ngokuzikhandla
Ngokombono ojulileyo impumelelo ayisho nje incebo kuphela, Isho ukukhalipha,phila impilo enhle futhi eqondile noku neliseka ngalokhu onakho, Uma ukwazi okufunayo empilweni kululula ukwenza okufanele ukwenze uohinde ukwenze ngendlela efanelekile.
Kubuhlungu ukubona konke okuhle ozifiselekona kuphela emehlweni ngenxa yokufuna indlela esheshayo yokuphumelela. Ingakho ngenze lolucwaningo ngenhloso yokuzocacisa izici okufanele uzilandele ukuze uphile impilo yamaphupho akho noku gwema impumelelo yokuzikhohlisa ngoba kayibuyiseli futhi iyafana nokuqeda ngempilo yakho.Uma ungase ubone ngathi amaphupho akho ashabalele usangakulungisa konke lokho ngookulandelela lezici ezingenhla.
IZINKOMBA
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "IVANGELI LOKUFIKA KOMBUSO". IVANGELI LOKUFIKA KOMBUSO | INkosi UJesu Yabuya. Archived from the original on 2026-01-30. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.