Imvoko
Appearance
Imvoko ibizo elisho izwe elizimele ngokomthetho kodwa elingaphansi kwethonya elinamandla lezombusazwe, ezomnotho, nezempi noma ukulawulwa kwelinye izwe.[1] Leli gama lihlobene nelithi izivoko elisho Izinto ezibekwa emkhathini ukuba zizungeze umZulane
Elithi imvoko lisetshenziselwa ngokuyinhloko ukubhekisela emazweni angamalungu e-Central and Eastern Europe e-Warsaw Pact ngesikhathi Impi Yomshoshaphansi, kanye naseMongolia naseTuva phakathi kuka-1924 no-1990, konke okwakubuswa ngokwezomnotho, ngokwesiko, nangokwezombusazwe yISoviet Union.
- ↑ Betts, R. R. (January 1945). "The European Satellite States: Their War Contribution and Present Position". International Affairs 21 (1): 15–29. doi:10.2307/3018989. JSTOR 3018989.