Jump to content

Incema

Kubuya ku Wikipedia
Incema

Incema kuwuhlobo lotshani olumila emfuleni noma endaweni ehlala iswakeme[1]. Kuwuhlobo lotshani olukhiwa emfuleni olwakha izinto eziningi zesintu

Lolu hlobo lotshani lusetshenziswa ekwakheni amacansi, izithebe zokudlela, izimbenge, inkezo, izikhwama, izigqoko kanye nokunye okuningi[2]. Luphinde lusetshenziswe ekwakheni noma ekufuleleni izindlu kwezinye zezindawo emphakathini eyahlukene[3]. Lolu hlobo lotshani lumila lube luhlaza ngokombala uma lusakhula, luphinde lube nembali phezulu. Esikhathini esidala abantu babephinde belusebenzise ukuhlanza amazinyo.

Uma incema usuyikhile, iyabekwa uyineke isikhathi esithize ukuze izokoma kuqala kuyikhathi uyisebenzisa. Ayisetshenziswa uma isasemanzi kakhulu kodwa kushiyana ekuthenini umuntu ufuna ukwenzani ngayo.[4]

imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Juncus kraussii | PlantZAfrica". pza.sanbi.org. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  2. ↑ "iNcema grass mats for sale". African Traditional Home and Wear (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  3. ↑ "African Grass Mats | SOUTH AFRICA". earthafricacurio.com. Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.
  4. ↑ "Juncus kraussii | Matting Rush". African Legacy (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-11.