Indatshana Yezithombe
Ubuciko bubambisene. Inganekwane ayihlukile kakhulu kunomculo, kanti futhi umculo awuhlukile kakhulu kunesithombe. Bonke buvusa imizwa emntwini, bonke buxoxa indaba. Kanti futhi into enhle kakhulu ngobuciko ukuthi nanoma ubani uvumelekile ukuthi ezwe, abone noma achaze ngendlela yakhe. Kulesi isihloko sibheka indatshana exoxwa isithombe esipendwe umdwebi uAnde wakwaMagoso waseThekwini, eNingizimu Afrika, esaziwa ngokuthi "Ukuhlehla Kwenqama".
Indaba esesithombeni
[hlela | Hlela umthombo]
Ngokwamasiko abantu izilwanyana zesiduna ziyizimpawu zamandla kanye nobuhlakani. Kanti futhi kunesisho sesiZulu esithi "Ukuhlehla Kwenqama akusho ukubaleka kwayo, isuke iyolanda amandla." Lokhu kusho lukhulu ngoba kukhuluma ngokuhlehla komuntu onamandla ezimweni ezinzima, nezilikhuni ukuze uyolanda amandla. Lokhu esithombeni ukubona ngomuntu onobunqama oguqile, hay ngoba ehlulekile kodwa ngoba ehlehla esimweni esilikhuni ukuze ebuye esenobuhlakani obungaphezulu kunaphambilini.