Indawo ehlala abafundi baseNyuvesi
Indawo ehloniphekile ehlala abafundi kungaba indawo enjenge hostela noma ikhaya elikude nekhaya labo, lapho bezizwa bephephile ngasosonke isikhathi. Inhloso yokwakhiwa kwezindawo lapho abafundi bahlala khona ingoba benzela ukuthi bakwazi ukuhlala duzane nesikolo, ikakhulukazi abafundi baseNyuvesi.[1] Lezi zindawo ezakhelwe abafundi baseNyuvesi zakhiwe duzane nayo, lapho abafundi bakwazi ukufinyelela emagumbini wabo wokufundela behamba ngezinyawo. Zibuye zakhiwe eduzane nezitolo, iningi yalezindlu ziphephile ngoba zinabonogada ababhekile usuku lonke. Enye yezindawo ehlala abafundi esanda kwakhiwa iFountains View.[2]
I-Fountains View Student Accommodation
[hlela | Hlela umthombo]
I-Fountains View yindawo lapho kuhlala khona abafundi. Le ndawo yakhiwa ngo2023, iqambwa yiqembu lwakwaGrowthpoint.[3] Itholakala edolobheni elikhulu lasePitoli, eNingizimu Africa. Ingenye yezindawo zakwaThrive Student Living.[4] Inikeza izindawo zokuhlala ezihloniphekile ezihambisana nezidingo zabafundi abavela ezikhungweni zemfundo ephakeme ezahlukene.[5] Leli bhilidi litholakala endaweni ephakathi kwezitolo, izindawo zokudla, kanye nezikhungo zemfundo, okwenza kube lula kubafundi ukufinyelela ezidingweni zabo zansuku zonke.
Izici ezibalulekile
[hlela | Hlela umthombo]- Izindawo zokuhlala ezihloniphekile: Le ndawo inikeza amagumbi okulala wabafundi, indawo yafundi abafuna indawo yokuhlala enokuthula nesimilo.
- Izinsiza ezihambisana nezidigo zabafundi: Kutholakala izindawo ezenza kube kulula ukufunda nokusebenza kahle.
- Izindawo Zokuzijabulisa: Izindawo zokuzijabulisa ezifana ne-gym, indawo yokudlala, kanye negumbi elinomabonakude zenza kube lula kubafundi ukuzijabulisa nokuphumula[5].
- Izinsiza Zokuphepha: Izinsiza zokuphepha ezifana nonogada abaqapha usuku lonke, kanye namanzi nogesi ezihlala zikhona ngisho zingekho endaweni eduzane nalelibhilidi ziqinisekisa ukuphepha nokuthula kwabafundi.[4]
Ukuhlanganyela Komphakathi
[hlela | Hlela umthombo]Le ndawo inikeza abafundi ithuba lokuhlanganyela nomphakathi, kwenza kube lula ukwabelana ngezinto, ukufunda ndawonye, nokwakha ubungane obuhlala isikhathi eside, njengokuthola abangani.
Imithombo yolwazi
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://www.up.ac.za/student-accommodation
- ↑ https://www.up.ac.za/student-accommodation/article/256266/private-accredited-accommodation
- ↑ https://growthpoint.co.za/news/developments/growthpoints-student-accommodation-reit-expands-its-reach/
- 1 2 https://thrivestudentliving.co.za/fountains-view/
- 1 2 https://www.rlb.com/africa/projects/fountains-view-student-accommodation/