Jump to content

Indingilizi

Kubuya ku Wikipedia
Indingilizi enezingxenye ezihlukaniswe ngemingqa: D – Ibangandingila, R – umugqazinga, O – inkaba, C – ingaphandle

Ngokomchazabukhulu, indingilizi iyisimo esiyisicaba (esinomnomngako wesibili) onethafa noma ubuso oluqukatha imigqa ephuma enkabini eyodwa elinganayo ngobude obungaphakathi kwomugqa ozingelezayo (ozungezayo; odingilizayo). Indingiliza iqukatha izingxenye eziyisithupha ezibalulekile:

  • Indingiliza (ingaphandle) – umugqa wangaphandle ozungezayo
  • Inkaba (indeni noma umnyombo) – indawo eyichashaza engaphakathi kweindingilizi. Yonke imigqa ephuma khona efika endingilizeni iyalingana ngobude.
  • Ibangandingila – iwumugqa ongagobi oqala endaweni eyodwa yengaphandle lendingilizi, onqamula enkabini, uthinte ichashaza elilodwa engaphandleni lendingilizi elingububanzi bendingilizi.
  • Igobela – umugqa ogobayo oxhumisa amachashaza engaphandleni lendingilizi.
  • Umugqazinga – umugqa ongagobuyo oqala enkabini uphelele engaphandleni lendingilizi. Uyisigamu sobubanzi bendingilizi

Ubungakho bobuso bendingilizi bungaqaqulwa ngomcabayo πr². π umele isibalo samaqephu angaphindaphindiyo 3.14... esiphindaphindwa nomugqazinga ophakanyiswe emandleni wesibili. Ubude bengaphandle ezungezayo bungaqaqulwa ngomcabayo 2πr. Ngolimi lwesiZulu indingilizi inamagama ambalwa amanye: isiyingelezi, izizingelezi njl.