Jump to content

Indiva yoHlakahlisombulu

Kubuya ku Wikipedia
A statue of a man, waist up, submerged underwater and covered in bright orange shrimp. There is a halo of shrimp above his head.
A statue of a man floating high over the ocean. Aside from the head and some of his torso, he is made up of shrimp and ocean plants that blend and meld with each other.
A Crustacean man underwater, with a stone head, neck, and hands. His body and arms are a sort of lobster-crab shell, and he has a dozen long crab legs sprouting from his sides.
Imifanekiso ephehlwe ngohlakahlisombulu "kaJesu oyimfanzi" yasabalala kuFacebook ngowezi-2024.[1][2]

Indiva yoHlakahlisombulu, eyaziwa nangokuthi isiqikili esiyindiva, iyisiqikili sezezibhangqiwe esenziwe ngohlakahlisombulu oluphehlayo esiqondwa njengesiswele umzamo, izingabunjalo, noma umqondo, futhi ngokuvamile sikhiqizwa ngobuningi njengencombo yokuchofoza (click bait) ukuze kutholakale umenzelelo emnothweni womnako, noma kuzizwe imali. Iwuhlobo lwezinsizakuxhumana ezixhumene nokugaywa kwemali emnothweni wokudala wezinkundla zokuxhumana nokukhangisa kuxhakaxholo.

Elithi indiva yohlakahlisombulu lichazwa ngezindlela ezihlukahlukene ngokuthi "ukuhlanya kwezezezibhangqiwe", "isiqikili sokugcwalisa esbeka phambili ijubane nenani kunengqikithi nezingabunjalo",[ kanye "nesiqikili sohlakahlisombulu esingafuneki ezinkundleni zokuxhumana, ubuciko, izincwadi nasemiphumeleni yokucinga". UJonathan Gilmore, ongusolwazi wenjulalwazi eCity University of New York, uchaza ukuthi le nto ngokuthi "inesitayela esivamile ngokumangalisayo, esingokoqobo" esilula ukuba sihehe isibukeli. Umphumela wokwandisa indiva yohlakahlisombulu kulwebu uye wafaniswa nokwanda kwesigubhukane njengoba kubangelwa Umthetho Wesibili Womchadamezo.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named "Hern-2024".
  2. ↑ Notopoulos, Katie. "Why doesn't Facebook just ban AI slop like Shrimp Jesus?". Business Insider. Kulandwe ngomhlaka 4 October 2024.