Indlamu yakwazulu
Appearance

Indlamu umdlalo ogidwa izinsizwa kanye nezintombi zakwa Zulu. Isizwe sakwazulu imvamisa sigida indlamu uma kujatshuliwe. Indlamu yenza ubumbano luvuthwe phakathi kwegceke ekhaya lapho ekunenhlangano khona. Uma kuzosinwa indlamu kuba nehubo elizoqalwa ilowo osuke eligosa evumisa ibutho.
Yini ibutho
[hlela | Hlela umthombo]Ebuthweni kusuke kuhlangane izinsizwa kuphela bese kuthi ethimbeni kusuke kuhlangene izinsizwa kanye nezintombi noma ubulili obahlukene. Uma sezilivuma ihubo izinsizwa kube sekusuma insizwa ngayinye ngayinye isine bese lezi ezinye izinsizwa zikhwahla ihlombe ukunandisa nokunikeza umfutho lowo osuke esenkundleni ngaleso skhathi.