Jump to content

Indlela ibuzwa kwabaphambili

Mayelana Wikipedia

Lona umusho noma inkulumo esetsenzisa kwi- intsha noma kubantu abancane uma benza abangakwazi noma uma baxakekile.[1] Okuchaza ukuba uma ungumuntu akumekanga usabe ukucela usizo noma ukubuza uma uxakekile.

Ukuzilawula akufuneki

[hlela | Hlela umthombo]

Ukulalela abadala kunemiphumela emihle kakhulu. Qaphela ukuthi ubuza bani noma ufuna ulwazi kubani. Uma ufuna usizo, buza kubantu abadala noma kubantu abasenalo ulwazi ngalokho. Ngoba bona sebesuka babonile futhi bafunda ngokuthile ukuthi uma kunjena kumele wenze njani. Awubuzo ngezinto ezimbi noma uma uxakekile kuphela, kodwa uma ufuna ulwazi olujulile noma indlela eya empumelelweni nalokho uyakubuza. Kuthiwa kubuzwa kubaphambili ngoba ontanga bakho bangahlala bangazi lutho ngoba nabo basuke bangakaboni noma banganalwazi njengawe. Abanye bangahle bakulahlekise futhi ngenxa yomona noma kungaba wukuthi anifuni izinto ezifanayo. Bazokuvimbezela ukuba nawe ungaphumeleli. Lokhu singakufanisa nokuthi, uma ingane inikwe umsebenzi wasekhaya eskolweni. Kufanele ifike endlini icele umuntu omdala noma umuntu osekhulile kunayo ukuba imusize. Umuntu omdala uzolekelela nanoma anganalo ulwazi olujulile kodwa kukhona okuncane azobe akwazi bese umundlulisela komunye umuntu omdala onolwazi. Kunokuthi ingane ibuze intanga yayo ngoba ungathola ukuthi nayo leyo ntanga yakhe ayizwanga noma ayazi nayo.

Empilweni sihlangabezana nezimo ezingafana, ezinye zazo siyabona abanye bandlula kuzo kodwa ababhekani nazo ngezindlela ezifanyo. Kuyaba lula uma kukhona umuntu omdala ecelweni kwakho futhi nabo bayathanda noma bayajabula uma besiyala.[2] Kubonisa ukuba sisazipheke kahle futhi siyabadinga ukuba basiseke empilweni.[3]

Imithombo Yolwazi

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Wenger, E., 1999. Communities of practice: Learning, meaning, and identity. Cambridge University Press.
  2. Park A,L., 2025.The effects of intergenerational Programmes on children and young people. Int J Sch Cog Psychol. 2(1):1-5.
  3. Diller, R. (2016). Legal capacity for all: Including older persons in the shift from adult guardianship to supported decision-making. Fordham Urban Law Journal, 43(3), 495–538.