Jump to content

Indlelasu yenzululwazi

Mayelana Wikipedia

Indlelasu yenzululwazi (noma uhlelo lwendlelasu yenzululwazi, indlelakwenza yenzululwazi) iyindlelasu yenhlulo yokuzuza uLwazi oluphathelelwayo lapho kwenziwa imigcanso yenzululwazi eyasungulwa ekhulwini leshumi nesikhombisa (17). Ngokomlando, yasungulwa kudala kusuka enkathini yasendulo. Indlelasu yenzululwazi ihlanganisa uqaphelo olucophelelayo olubhangqwe nokuthandabuza okunamandla, ngenxa yokuthi iziphetho ezithile zingathikameza ukuhlakahlwa okunembile koqaphelo. Uphenyo lwenzululwazi luhlanganisa ukudala isihlawumbiselo esivivinyekayo ngokubenzisa ukuhluza, nangokusivivinya ngemigcanso nesihlaziyo sezibalomininingo, nangokuguqula noma ukusiyeka isihlawumbiselo uma imiphumela ivuma.[1][2][3]

Nakuba izinqubo zihluka phakathi kwemikhakha, imidludlungu eyisisekelo ivame ukufana. Ngokwemininingwane eyengeziwe: indlelasu yenzululwazi ihlanganisa ukuqazikela (izincazelo ezihlawumbiselayo), ukubikezela imiphumela enengqondo yesihlawumbiselo, bese kwenziwa imigcanso noma amaqaphelo asekelwe kulezo zibikezelo. Isihlawumbiselo siwukuqazikela okusekelwe olwazini oluzuzwe ngenkathi kucingwa izimpendulo zombuzo. Izihlawumbiselo kungaba eziqondile noma ezibanzi kodwa kufanele ziphikiseke, okusho ukuthi kungenzeka kuhlonzwe umphumela ongavela womgcanso noma ingqaphelo ongqubuzana nezibikezelo ezinyalulwe kwisihlawumbiselo; ngale kwalokho, isihlawumbiselo asikwazi ukuhlolwa ngokunengqondo. [4]

Nakuba loluhlelo oluyindlelasu yenzululwazi luvamise ukwethulwa njengochunge lwezinyathelo ezimisiwe, empeleni lumelela izimiselo ezivamile. Akuzona zonke izinyathelo ezenzekayo kulo lonke uphenyo lwenzululwazi (noma ngezinga elifanayo), futhi azihlali zilandelana ngendlela efanayo. Imivubukulo eminingana ayizange ilandele unongo lwensizakufunda yendlelasu yenzululwazi futhi ithuba libe neqhaza. [5]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Newton, Isaac (1999) [1726 (3rd ed.)]. Philosophiæ Naturalis Principia Mathematica [Mathematical Principles of Natural Philosophy]. The Principia: Mathematical Principles of Natural Philosophy. Translated by Cohen, I. Bernard; Whitman, Anne; Budenz, Julia. Includes "A Guide to Newton's Principia" by I. Bernard Cohen, pp. 1–370. (The Principia itself is on pp. 371–946). Berkeley, CA: University of California Press. 791–796 ("Rules of Reasoning in Philosophy"); see also Philosophiæ Naturalis Principia Mathematica#Rules of Reason. ISBN 978-0-520-08817-7.
  2. "scientific method", Oxford Dictionaries: British and World English, 2016, archived from the original on 2016-06-20, http://www.oxforddictionaries.com/definition/english/scientific-method, retrieved 28 May 2016 
  3. Oxford English Dictionary (3rd ed.). Oxford: Oxford University Press. 2014. Archived from the original on 2023-11-29. Kulandwe ngomhlaka 2018-05-31 – via OED Online. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  4. Popper (1959), p. 273.
  5. Krauss, Alexander (28 March 2024). Redefining the scientific method: as the use of sophisticated scientific methods that extend our mind. p. pgae112.