Indongoyi endwazayo
Appearance


Indongoyi endwazayo ( LM ) uhlobo lwendiza eswelumuntu ezibhubhisayo ehlonyiswe ngesiqhumi evame ukuklanywa ngenjogo yokundwaza emoyeni iqhutshwa umqhubi okude esebenzisa isihlonga sokungcibisha ngenzubakhanya noma isithwebuli kanye nekhongco lemininingo kuze kube yilapho sekuhlonzwe isigcbishe, bese siyoziqhumisa kuso. Izindongoyi ezindwazayo ezihlabaziyonzi (anti-radar) ziluhlobo lwezindongoyi ezindwazayo ezisebenzisa uhlelo lokuhlonga inhlabaziyonzi noma isigcoyi lokukhomba lweznubakhanya ukuthola isiyonzi sesitha ngokuzulazula nokusibhubhisa ngemva kokusihlonga. Amagama avamile alendngoyi ngesizulu ahlanganisa udongoyi olundwazayo, indongoyi yenkelenkele, noma indongoyi eziqhumisayo.