Ingcindezi
INGCINDEZI
[hlela | Hlela umthombo]Ingcindezi isifo esiqhubekayo,Okungaba ukucindezeleka ngokwenqondo noma ngoku moya. Ingcindezi ihlukahlukene kepha kulolucwaningo sizobuka igcindezi ebizwa ngokuthi yi- Persistent depressive disorder dysthymia. Abantu abanalesisifo abantu abahlala bedangele, Ukudangala kwabo kudalwa izizathu ezahlukahlukene. Loku dangala kungafika kuphinde kudlule okwesikhashana.[1]

Umuntu onengcindezi kunezimpawu ezibonakalayo kuye ezingahlala izinyanga noma iminyaka. Mhlampe uyazibuza ukuthi ikhona yini indlela yokulapha lesisifo?Yebo, ikhona indlela yokulapha ingcindezi okungaba ukukhuluma nomuntu noma i- Psyhchotheraphy.[2] Ziningi izimpawu obona ngazo umu usuhlaselwe ilesisifo. Ngenzansi sizokuchazela kafushane ngezimpawu ezivamisile:
- Izinguquko kundlela ozizwa ngayo
Ukuzizwa ungenakuzisiza noma unganathemba ezimweni ezahlukahlukene nezi phindaphindiwe. Ukuzizwa undikindiki noma unganandaba nalutho. Kodwa ngaphambi kokuba uzizwe ngalendlela engenhla uqale uzizwe udangele okuwukuguquka kwendlela ozizwa ngayo uma singakaku nyonyobeli lesisifo okanye incindezi.
2. Isisindo Kanye nezinguquko kundlela odla ngayo.
Ukuguquguquka kwesisindo, Okungaba okuncipha ngokushesha noma ukukhuluphala ngokushesha kungakhomba ukuthikaziseka emqondweni noma emoyeni. Indlela odla ngayo, okungaba ukudla kakhulu ngenhloso yokukhohlwa ngokwenzekayo okanye ukudla kancane ngesizathu sokungakhoni ukudla uma uphatheke kabi noma udangele
3. Ukuzizwa uqhelelana nabantu osondelene nabo noma ukuzizwa wedwa
ukuzizwa ngathi akekho umuntu ongakhalela kuye kepha bekhona kepha ngesizathu sokuphazamiseka emoyeni uzizwa ngathi utyaziqhelisa kulabo abafisa ukukusiza.[3]
Uma ucabanga ukuthi unezimpawu zalesisifo kumele ukhulume nodokotela ukuze usizakale, Ungacela isikhathi sokuhlangana naye e- Apollo Hospital ngokushayela ku-1860 500 1066.
IZINKOMBA
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Best Hospital in India | Best Multispeciality Hospital in India | Apollo Hospitals". www.apollohospitals.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-26.
- ↑ "South African Depression and Anxiety Group". www.sadag.org. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-26.
- ↑ "Best Hospital in Hyderabad | Best Multispeciality Hospital". CARE Hospitals (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-02-26.