Jump to content

Ingidlabezo yokwaziswa

Kubuya ku Wikipedia

Ingidlabezo yokwaziswa, eyaziwa nangokuthi ukuxinwa ingokwaziswa, [1] noma imbandezeko yokwaziswa, [2] iwubunzima bokuqonda udaba nokwenza izinqumo ngempumelelo lapho umuntu enokwaziswa noma ulwazi oluningi kakhulu ngaleyo nkinga, [3] futhi ngokuvamile kuhlotshaniswa nenani elikhulu kakhulu lokwaziswa lwansuku zonke. [4] Igama elithi "ingidlabezo yokwaziswa" laqala ukusetshenziswa ngowe-1962 yizifundiswa ezifundweni zezokuphatha nezokwaziswa, okuhlanganisa nencwadi kaBertram Gross yowe-1964 ethi The Managing of Organizations [5] futhi lathandwa kakhulu ngu- Alvin Toffler encwadini yakhe eyathengiswa kakhulu yowe-1970 ethi Future Shock . Ngokusho kukaSpeier et al. (1999), uma isifako sidlula amandla okucubungula, kukwenzeka ingidlabezo yokwaziswa, okungenzeka kunciphise izingabunjalo lezinqumo. [6]

Encasiselweni entsha, uRoetzel (2019) uhlozinge ezicini zesikhathi nezinsizakusebenza. Uthi lapho umenzi wesinqumo enikezwa amaqoqo okwaziswa amaningi, anjengobunzima, ubuningi, kanye nokuphikisana, izingabunjalo besinqumo sakhe liyancipha ngenxa yokulinganiselwa komuntu ngamunye kwezinsizakusebenza ezingavamile zokucubungula lonke ulwazi olutholakalayo nokufinyelela esinqumweni esiganyayo. [7]

Ukufika kobuchwepheshe bokwaziswa besimanje kube yimbangela eyinhloko yengidlabezo yokwaziswa ezindaweni eziningi: ngamanani akhiqizwayo, ukusatshalaliswa kalula, kanye nobubanzi bezilaleli ezifinyelelwayo. Ukufika kwezinkundla zokuxhumana kuye kwandisa kakhulu izici zobuchwepheshe ezikhona isikhathi eside, okuhlanganisa nomnotho wokuhlozinga, okwenza kube lula ukwebiwa kokuhlozinga . Esikhathini sobuchwepheshe bezezibhangqiwe obuxhumene, ukwaziswaciki, kanye nesiko loxhakaxholo (noma isiko lezezibhangqiwe), ingidlabezo yolkaziswa iyamaniswa nokuvezwa ngokweqile, ukusetshenziswa kolwazi ngokweqile, kanye nokufaka inqwaba yolwazi kanye nemininingo.

  1. ↑ Dias, Patrícia (2014). "From 'infoxication' to 'infosaturation': a theoretical overview of the cognitive and social effects of digital immersion".
  2. ↑ Wurman, Richard Saul (Winter 2012). "Information Anxiety: Towards Understanding". Archived from the original on 14 August 2021. Kulandwe ngomhlaka 29 August 2018.
  3. ↑ Yang, CC., Chen, Hsinchun; Honga, Kay (2003). "Visualization of Large Category Map for Internet Browsing" (PDF): 89–102. Archived from the original (PDF) on 18 August 2021. Kulandwe ngomhlaka 24 September 2015.
  4. ↑ . p. 497–515. Missing or empty |title= (help)
  5. ↑ ,. p. 856ff. Missing or empty |title= (help)
  6. ↑ Speier, Cheri; Valacich, Joseph S.; Vessey, Iris (March 1999). "The Influence of Task Interruption on Individual Decision Making: An Information Overload Perspective": 337–360.
  7. ↑ Roetzel, Peter Gordon (2019). "Information overload in the information age: a review of the literature from business administration, business psychology, and related disciplines with a bibliometric approach and framework development". Business Research (in i-English). 12 (2): 479–522. doi:10.1007/s40685-018-0069-z.