Jump to content

Ingqephu

Kubuya ku Wikipedia
Izibonelo zengqephu: ukunyankuza, izichuse zengqephu, izitolo zengqephu, abanyankuzi, nabaklami bengqephu

Ingqephu igama elisetshenziswa ukuchaza indlela abantu abenza ngayo izinto noma indlela abagqoka ngayo. Singabala kuko izimpahla zokugqoka, izicathulo, ubucwebe, ukuzimonya ebusweni.[1] Ingqephu kuvamise ukuthi kube yinto entsha edumile ngaleso sikhathi okwenzikile umthungi wayenza yase ithengwa yavelela wonke umuntu eyigqoka noma ekhuluma ngayo.[2]Iyasiveza ukuthi singo bani futhi sifuna abantu besibone njengabantu abanjani.[3]

Ngokulokhu isikhathi siqhubeka nayo ihamba ilokhu iguquguquka ayimile ndawonye.Ngingenza isibonelo ngesikhathi sase mandulo e-Egypt izimpahla ezazenziwe ngendwangu elula yayikhombisa ukuthi ukuphi ezingeni lempilo, kanti e Greece kwakuchaza into engaphaphile futhi epholile enhle.[4] Imfashini iyakwenza ube umuntu onesithunzi futhi okwaziyo ukuzimela futhi iveze ngokusobala ukuthi ungubani kanye nemvelaphi yakho.[5]

UMTHOMBO WOLWAZI

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.jakenorris.com.au/input-output/what-is-fashion
  2. https://www.jakenorris.com.au/input-output/what-is-fashion
  3. https://romebusinessschool.com/blog/what-is-fashion/
  4. https://romebusinessschool.com/blog/what-is-fashion/
  5. https://romebusinessschool.com/blog/what-is-fashion/