Ingxoxo

Ingxoxo iwukuxhumanayo okunanayo okuphakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu. Amakhono wokuxoxa nabanye abalulekile ekuhlalisaneni nabanye. Ukuthuthukiswa kwamakhono okuxoxa ngolimi olusha yiwona ahlozingwa kakhulu lapho kufundiswa ulimi noma lapho umuntu efunda ulimi. Isihlaziyo sengxoxo siwucwaningo lomchazahlalo olubheka uhlaka nokuheleleka kokwenanana phakathi kwabantu, oluhlozinga ngokukhethekile ukwenanana ngokuxoxa.
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]
Ayikho incasiselo eyamukelwe yokuthi iyini ingxoxo, ngaphandle kokuthi ingxoxo ibandakanya abantu ababili abaxoxayo. Ukwenanana okufana nokubulisana noma ukubingelela, akuyona ingxoxo, futhi ukwenanana okufana nomphathi lapho ejuba abasebenzi, akuyona ingxoxo. Ngokufanayo ukwenanana okuhlozinga isihloko esithile noma ibomu elithile, kuthiwa akuyona ingxoxo. Omunye umbhali lapho efingqa lezakhi uthi "ingxoxo uhlobo lwenkulumo eyenzeka kungahleliwe, ngolinganayo, ngenjongo yokusungula ukuzwana ngokwenhlalo."