Inhlaba

Inhlaba
Inhlaba yigama lesiZulu elisetshenziswa ukubiza izitshalo zohlobo lwe-Aloe. Lezi zitshalo zaziwa kakhulu ngokuba namakhasi aqinile, anamanzi ngaphakathi, futhi zivame ukukhula ezindaweni ezishisayo nezomile. Eningizimu Afrika kuvame ukutholakala izinhlobo ezifana ne-Aloe ferox, Aloe marlothii, kanye ne-Aloe arborescens,kanti emhlabeni wonke kudume kakhulu i-Aloe vera.[1]
Inhlaba inamakhasi anesikhumba esiqinile ngaphandle,kanti ngaphakathi kuna amanzi anobisi– esetshenziswa kakhulu ekwelapheni isikhumba.Inhlaka enokunambitheka okubabayo, evame ukusetshenziswa njenge-laxative (ukuhlanza isisu).Ukusetshenziswa kwenhlaba ezokwelapha zendabuko ukwelapha izilonda,amabala esikhumbeni ,kunciphisa ukusha kanye asiza uma umuntu enezinkinga zesisu.[2]
Ukusebenzisa inhlaka ngokweqile kungabangela ukuhuda noma ubuhlungu besisu.Abesifazane abakhulelwe nabancelisayo kufanele baxhumane nodokotela ngaphambi kokuyisebenzisa.Kufanele kusetshenziswe inhlaba ngendlela efanele futhi elawulwa kahle.Inhlaba iyisitshalo esibalulekile esisetshenziswa kakhulu kwezempilo, ezobuhle, nasemithini yendabuko. Nakuba inezinzuzo eziningi, kubalulekile ukuyisebenzisa ngokucophelela nangolwazi oluqondile.[3]
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Grace, O.M., Klopper, R., Smith, G.F., Crouch, N.R., Figueiredo, E., RØnsted, N.E. & Van Wyk, A.E. 2013. A revised generic classification for Aloe (Xanthorrhoeaceae subfam. Asphodeloideae). Phytotaxa 76,1: 7–14. | PlantZAfrica
- ↑ People's Plants: A Guide to Useful Plants of Southern Africa | Request PDF
- ↑ Boudreau, M. D., & Beland, F. A. (2006). An evaluation of the biological and toxicological properties of Aloe vera. Journal of Environmental Science and Health. - Search