Jump to content

Inhlakahliso

Mayelana Wikipedia

Inhlakahliso ichasiswa ngezindlela eziningi: amandla okukhanyanga, umhluzamqondo, ukuqonda, ukuzilumuka, ukufunda, ulwazi lomzwelo, ukuhluza, ukuhlela, ubuchule, ukucabanga okujulile kanye nokuxazulula izinkinga. Ngokuvamile, ichaziswa njengekhono lokuqonda ukwaziswa, kanye nokubugcina njengolwazi oluzosetshenziswa ekucondozeni okuvumelanisa nesimo phakathi komongo othile.

Inhlakahliso icwaningwa kakhulu kubantu kodwa iyaqashelwa nasezilwaneni nasezimileni nakuba kunempikiswano ngokuthi ingabe lezi zinhlobo zokuphila ziyayibonisa yini inhlakahliso noma ubuhlakani. Inhlakahliso yeziCikizi noma ezinye izinguxa ibizwa ngokuthi uhlakahlisombulu.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi "inhlakahliso" lihlobene eduze nelithi "inhlakanipho", livela kwisenzokuthi esithi "hlakahla" esisho ukuqaqulula umqondo, ukucacisa ngokukulumukisa, ukuhlakaniphisa emva kokuhlaziya. Amanye amagama acishecasho okufanayo ahluleke kanje:

  • Inhlakanipho - (wisdom)
  • ukuhlakanipha - (to be wise)
  • isihlakaniphi - (wise person)
  • ulumuko - (intellect)
  • isilumuki - (intellectual)
  • ubuhlakani (cleverness)
  • ihlakani (clever)

Izincasiselo

[hlela | Hlela umthombo]

Kunempikiswano ekhona ngendlela yokuchasisa inhlakahliso. Ongoti bachazisa amakhono ayo ngezindlela ezihlukene, futhi bayahluka ngokwamazinga abayingakanisa ngawo.[1]

Umbiko kaElethu obizwa Intelligence: Knowns and Unknowns, owashicilelwa ngowe-1995 yi-Board of Scientific Affairs of the American Psychological Association, uthi: Template:Blockqoute

Uhlakahlisombulu

[hlela | Hlela umthombo]

Ongoti abacwaninga uhlakahlisombulu baphakamise izincasiselo zenhlakahliso ezihlanganisa ubuhlakani obuboniswa izinguxa. Ezinye zazo zihloselwe ukuba zisebenze jikelele ukuze zihlanganisa inhlakahliso yabantu neyezilwane. Isidalwa esihlakahlisiwe singachasiswa njengesimiso ezishwaya indawo azungezile futhi sithathe izinyathelo ezandisa amathuba aso okuphumelela.[2]

Amaphathelelo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. S. Legg; M. Hutter (2007). "A Collection of Definitions of Intelligence". Advances in Artificial General Intelligence: Concepts, Architectures and Algorithms. 157. IOS Press. pp. 17–24. ISBN 978-1-58603-758-1.
  2. Russell, Stuart J.; Norvig, Peter (2003). Artificial Intelligence: A Modern Approach. Englewood Cliffs, N.J.: Prentice Hall. ISBN 978-0-13-790395-5. OCLC 51325314.