Jump to content

Inhloli (insaba)

Kubuya ku Wikipedia

Inhloli noma (insaba) yilungu lomkhakha wezobunhloli eliqashwe yinhlangano ukuba liqoqe, lihlanganise, noma lihlaziye ukwaziswa (okwaziwa ngokuthi ubunhloli ) okuwusizo kuleyo nhlangano. Igama elithi inhloli linomqondo ofanayo nelithi insaba, noma umkopoli. Womabili asho umuntu osebenza ngokunconda, athuthe ukwaziswa akuyise enhlnganweni emthumileyo.

Izinhlangano eziqasha izinhloli zifaka phakathi amabutho ahlomile, amaphoyisa, kanye nezinhlangano zentela .

Imithombo yobunhloli

[hlela | Hlela umthombo]

Izikhulu zezobunhloli zisebenzisa imithombo ehlukahlukene yokwaziswa, okuhlanganisa

Ubunhloli bezokuxhumana (COMINT)
Ukuconda nokunqaka ezokuxhumana (isb., ngonqaka ucingo ) okuhlanganisa ubunhloli beziyabizo (SIGINT) kanye nobunhloli bezamazuba (ELINT).
Ubunhloli bezezimali (i-FININT)
Ukuqoqwa kokwaziswa mayelana nezindaba zezimali zezinhlangano ezivusa ilukuluku.
Ubunhloli bomuntu (HUMINT)
Kuthathwe emithonjeni yobunhloli babantu eyimfihlo (Umthombo Wobunhloli Bomuntu Oyimfihlo noma i-CHIS, izinsaba noma izimpimpi ) ezivela ezinhlobonhlobo zezinhlangano nemisebenzi.
Ubunhloli bezithombe (IMINT)
Kuthathwe ezintweni eziningi eziqoqiwe, njengezivoko zokuhulubeza noma izindiza .
Ubunhloli bokulinganisa nezicikico (MASINT)
Kuthathwe ezimpahleni zokuqoqa eziqoqa futhi zihlole izihawuza zobuchwepheshe kanye nezici ezithile zezinhlangano ezithile ezingcibishiwe.
Ubunhloli bomthombo ogengenezi (OSINT)
Kuthathwe emithonjeni etholakala emphakathini njengoxhakaxholo, izincadini ezisemtapolwazi, amaphephandaba, njll.
Ubunhloli bezobuchwepheshe (i-TECHINT)
Ngokusekelwe ezicini zenzululwazi nezobuchwepheshe zezinhlelo zezikhali, iziklamo zobuchwepheshe kanye nezinye izinhlangano.

Iqhaza nezibopho

[hlela | Hlela umthombo]

Iqhaza langempela elibanjwa inhloli liyahlukahluka kuye ngenjongo yeNhlangano akuyo. Ngokwesibonelo, izinhloli zangaphandle emazweni zezinhlaka ezifana ne-CIA yaseMelika, MI6 yaseBrithani be-ASIS yase-Ostreliya zingachitha isikhathi esiningi ziphesheya kwezilwandle. Izinhloli zezinhlaka zobunhloli basekhaya, ezifana ne-FBI yaseMelika, MI5 yaseBrithani ne-ASIO yase-Ostreliya zinesibopho sokunqandubuphekula, ukunqandubuncondi, nokunqandubu (counter-proliferation) nokuhlonga nokuvimba ubugebengu oluhleliwe obuyingozi ngaphakathi kwezwe.

Iziqu nezibopho ezivamile ezisetshenziswa izinhloli zihlanganisa lezi:

Inhloli engumkopoli (Field officer)
Inhloli ephatha icebo lokuqoqwa kobunhloli ezindaweni ezisemazweni angaphandle.
Inhloli ephethe ezinye (Case officer)
Inhloli ephethe ezinye izinsaba ukuze kubuthwe ukwaziswa kobunhloli. Izinhloli eziphethe ezinye zichitha isikhathi sazo ziqasha futhi zisebenzisa izimpimpi eziyimithombo ukuze zithole ubunhloli bomuntu.
Inhloli eqoqayo (Collections officer - collector)
Inhloli eqoqa noma ibuthe ukwaziswa, okuvela emithonjeni yobuchule efana nezicondacingo, iziklamo zokulalela, ukuqoqa ngoxhakaxholo, ubunhloli bokulinganisa nezicikico, ubunhloli beziyabizo nokunye.
Inhloli yemigidingo (Operations officer)
Inhloli ehlela futhi ithathe izinyathelo eziyimfuneko zokuphazamisa nokuvimba ubuqhebeqhebe bezitha.
Inhloli ehlaziyayo (Intelligence Analyst)
Inhloli ehlaziya ukwaziswa okubuthiwe neziphumo zemigidingo ukuze inqume ubuhlonzi, izisusa, amandla nobuqhebeqhebe bezitha nokunquma izimfuneko zemigidingo yangomuso. Emva kwesihlaziyo, umhlaziyi unesibopho zokukhiqiza nokusabalalisa Umbiko wokugxina After analysis, analysts are also responsible for the production and dissemination of their final product. [1]
Inhloli yokunqandibunhloli (Counterintelligence officer)
Inhloli esebenza ngokuvimba ukuhlonga, ukufohla, ithonya nokuthekethekiswa kohlaka lezobunhloli, ukusebenza kwalo nokulondwa kwesizwe yizitha. Ngokuvamile, izinhloli zokunqandubunhloli (counterintelligence officers) zingabaphoqeleli bonthetho. Lokhu kwenzelwa ukuboshwa kwezimpimpi nezinsaba zakwamanye amazwe.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Department of Homeland Security, Deployed Intelligence Officers and Protective Security Advisors". Archived from the original on 2013-11-04. Kulandwe ngomhlaka Jan 8, 2013.