Jump to content

Inkanyezi eyisithomiyana

Kubuya ku Wikipedia
Umdwebo kaHertzsprung-Russell obonisa indawo yezinkanyezi eziyizithomiyane zojinji oluyinhloko nezithomiyane ezimhlophe

Inkanyezi eyisithomiyana iyinkanyezi enobungako obuncane kakhulu futhi enokungwangwaza okuncane. Zonke izinkanyezi zojinji oluyinhloko ziyizinkanyezi eziyizithomiyana. Umqondo wegama elithi "isithomiyana" uye yelulelwa ezinhlontsheni ezithile zezinsalela zezinkanyezi ezihlanganisiwe. Izindikimba ezithile ezinobukhulu bezinkanyezi ezingezona izinkanyezi zona zibizwa ngokuthi ziyizichwe.

Ukusetshenziswa kwelithi "isithomiyana"

[hlela | Hlela umthombo]
Isithomiyana esimhlophe esibizwa LAWD 37, okuyinkanyezi nesisindo esilinganiswe nge-microlensing

Igama elithi "isithomiyana" okwamanje lihlanganisa okulandelayo:

  • Isithomiyana ngaphandle kwemibandela sisho inkanyezi yojinji oluyinhloko, ngokomjinjo wezinkanyezi ewuhlobo V: Izinkanyezi zojinji oluyinhloko. Isibonelo: Achernar (B6Vep)
    • Isithomiyana esibomvu yizinkanyezi zojinji oluyinhloko zesisindo esiphansi.
    • Isithomiyana esiphuzi yizinkanyezi zojinji oluyinhloko ezinesisindo esilingana neLanga.
    • Isithomiyana esintshungwa yizinkanyezi zojinji oluyinhloko zohlobo K.
    • Ujinji oluyinhloko olulundwa lohlobo B nohlobo O, yizinkanyezi zojinji oluyinhloko ezinkulu nokunzima ukuzihlukanisa kumaqhakamela alundwa, ngobungako nangokuqhakaza, ingakho zingabizwa ngokuthi izithomiyana.
  • Isithomiyana esilundwa ujinji oluhlambiselwayo lwezinkanyezi zesisindo esiphansi ezinezingakushisa elikhulayo lapho zisondela ekufeni kwazo. Kuthiwa umkhathilibe awukagugi ngalendlela ukuba izithomiyana ezibomvu zingangena esigabeni sokuba "lundwa", esivame ukuba mhloshana.
  • Isithomiyana esimhlophe yizinsalela zenkanyezi efile, ezakhowa nge-electron-degenerate matter. Kucatshangwa ukuthi iSigaba sokugcina empilweni yenkanyezi ezingenasisindo sokuwohloka zibe inkanyezi entunge noma isiGwinqa – yizinkanyezi ezinesisindo esiphansi kwesi- 9 
    • Isithomiyana esimnyama kuthiwa yisithomiyana esmhlophe esiphole ngokwanele futhi esingaphafuzi ukukhanya. Kuthiwa umkhathilibe awukagugi ngokwanele ukuba izithomiyana ezomhloohe ziphole zibe ezimnyama.
  • Isithomiyana esingamunwe siyindikimba eyisingankanyezi esingenasisindo esanele ukuba singaxuba IHwanzi libe yiHwelanga, Kodwa inesisindo esanele sokuxuba ihwanzimbili (deuterium) – ngaphansi kwe 0.08   ngaphezu kwezisindo ezili-13 zoMkhulukhulwana.