Jump to content

Inkithinkithi yempilo

Kubuya ku Wikipedia
Isibonelo senkithinkithi yempilo, ukhunta ehlathini lasENyakatho Saskatchewan (kulesi sithombe, kukhona nAma-lichen amaqabunga nama-mosses).

Inkithinkithi yempilo iwukuhlukahluka kwempilo eMhlabeni. Ingalinganiswa emazingeni ahlukahlukene, ngokwesibonelo, ukuhwexuza kwezifuzisi, inkithinkithi yemiqhinqo, inkithinkithi yohlelompiliswano kanye nokuhlukahluka komchazafuzo.[1] Inkithinkithi ayisatshalaliswanga ngokulinganayo eMhlabeni - iningi kakhulu ezindaweni ezishisayo ngenxa yesimo sezulu esifudumele kanye nokukhiqiza okuphezulu esifundeni esiseduze nenkabazwe. Uhlelompiliswano olusemahlathini asezindaweni ezishisayo lumboze ingxenye eyodwa kwezinhlanu yendawo ehlabathi yoMhlaba futhi luqukethe cishe amaphesenti angama-50 wemiqhinqo yomhlaba.[2] Kunamazinga ye-latitudinal kunkithinkithi yemiqhinqo kokubili esolwandle nesezweni.[3]

Izincasiselo

[hlela | Hlela umthombo]
Izinhlobohlobo zezinongo zmiqhinqo ehlukene eziveza ukungafani kwempilo emhlabeni.

Abachazampilo became ukuchasisa elithi inkithinkithi yempilo ngokuthi "umumo ophelele wezifuzisi, imiqhinqo nohlelompiliswano lwesifunda".[4][5] Umenzelelo walencasiselo usekutheni iyisethulo sombono obumbene wezinhlobonhlobo zeziphili esezihlonziwe:

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Faith, Daniel P. (1992). "Conservation evaluation and phylogenetic diversity". Biological Conservation 61 (1): 1–10. Bibcode 1992BCons..61....1F. doi:10.1016/0006-3207(92)91201-3.
  2. Pillay, Rajeev; Venter, Michelle; Aragon-Osejo, Jose; González-del-Pliego, Pamela; Hansen, Andrew J; Watson, James EM; Venter, Oscar (February 2022). "Tropical forests are home to over half of the world's vertebrate species". Frontiers in Ecology and the Environment 20 (1): 10–15. Bibcode 2022FrEE...20...10P. doi:10.1002/fee.2420. PMC 9293027. PMID 35873358. http://www.pubmedcentral.nih.gov/articlerender.fcgi?tool=pmcentrez&artid=9293027.
  3. Hillebrand, Helmut (February 2004). "On the Generality of the Latitudinal Diversity Gradient". The American Naturalist 163 (2): 192–211. Bibcode 2004ANat..163..192H. doi:10.1086/381004. PMID 14970922.
  4. Tor-Björn Larsson (2001). [[[:Template:Google books]] Biodiversity evaluation tools for European forests] Check |url= value (help). Wiley-Blackwell. p. 178. ISBN 978-87-16-16434-6. Kulandwe ngomhlaka 28 June 2011.
  5. Davis. [[[:Template:Google books]] Intro To Env Engg (Sie), 4E] Check |url= value (help). McGraw-Hill Education (India) Pvt Ltd. p. 4. ISBN 978-0-07-067117-1. Kulandwe ngomhlaka 28 June 2011.