Inkonyane
Inkonyane: Ukubaluleka kwayo empilweni nasemvelweni

Inkonyane iyingane yenkomo edlala indima ebalulekile empilweni yomhlambi nasemphakathini. Lapho izalwa,idinga ukunakekelwa okukhethekile njengokuphuzwa ubisi lukanina nokuhlala endaweni ehlanzekile ukuze ikhule ibe nempilo.Ngokuhamba kwesikhathi iqala ukudla utshani nokunye ukudla kwezinkomo ize ikhule ibe inkomo ephelele.[1]
Ngokwezomnotho ,inkonyane imele ikusasa lomhlambi wezinkomo.Uma ikhula kahle ,iba yinkomo ekhiqiza ubisi noma inyama, okusiza umndeni ukuthola ukudla nemali.Lokhu kubalulekile ikakjlukazi emiphakathini yasemakhaya lapho ukufuywa kwezinkomo kuyindlela yokuphila.[2]
Ngaphezu kwalokho, inkonyane inendima ebalulekile emasikweni nasemvelweni.Imwele ukukhula nokwanda komndeni noma komhlambi.Nokho,kubalulekile ukuthi ukufuywa kwezinkomo kulawulwe kahle ukuze kugcinwe ibhalansi phakathi kokuzuza komnotho nokuvikelwa kwemvelo.[3]
Izinkomba
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ https://uk.indeed.com/cmp/Food-and-Agriculture-Organization-of-the-United-Nations-(fao)?gclsrc=aw.ds&&aceid=&kw=adwords_c_3407268519_19644058760_0_0_pmax&sid
- ↑ https://uk.indeed.com/cmp/Food-and-Agriculture-Organization-of-the-United-Nations-(fao)?gclsrc=aw.ds&&aceid=&kw=adwords_c_3407268519_19644058760_0_0_pmax&sid
- ↑ https://www.arc.agric.za/Pages/Home.aspx