Inkululeko

Inkululeko igama elisho amandla noma ilungelo lokukhuluma, ukwenza, nokuguqula njengoba umuntu efuna ngaphandle kwesithiyo noma isivimbelo. inkululeko ivame ukuhlotshaniswa nentamuzo, nokuzimela ngomqondo "wokuzishayela imithetho yakho".
Kwenye incasiselo, into kuthiwa "ikhululekile" uma ikwazi ukuguquka futhi ingavinjelwa esimweni sayo samanje. Abachazindalo kanye nabachazibotho basebenzisa leli gama ngalomqondo. Igama lesiZulu elithi "inkululeko" lihlobene nalagama: "umbhenso", "umbuso".[1] Ifilosofi nenkolo ngezinye izikhathi ihlobanisa inkululeko yokuzikhethela, njengenye indlela ukuzinqumela noma Ukuqunyelwa kusengaphambili.
Emazweni anamuhla obukhulula (liberalism), inkululeko ibhekwa njengelungelo, ikakhulukazi inkululeko yokukhuluma, inkululeko yenkolo, nenkululeko yemithombo yezindaba.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namedauto