Jump to content

Inkwethu

Kubuya ku Wikipedia

Inkwethu

Inkwethu yisimo esivamile esenza ukuthi izingcezu ezincane zesikhumba esomile zihluthuke esikhunjeni sekhanda. Akuthelelani futhi akuyona into eyingozi. Kodwa ingabangelana amahloni futhi kube nzima ukuyelapha. Ungakwazi ukwelapha inkwethu emaphakathi ngokugeza ikhanda ngendlela ethambile njalo, uma lokho kungasizi kungase kudingeke ukuba usebenzise ishampu ekhethekile yezokwelapha. Alikho ikhambi eliqeda nya inkwethu. ngisho noma ungayelapha, izimpawu zingase zibuye ngokuhamba kwesikhathi. Kodwa ngokwelashwa abantu abaningi bayakwazi ukulawula izimpawu. Inkwethu iwuhlobo olungasololi kakhulu lwe sebarrheic dermatitis, isimo sesikhumba esithinta kakhulu isikhumba sekhanda lakho.[1]

inkwethu

Inkwethu ivame ukuhlobana nesifo sesikhumba se-seborreheic dermatitis, esibangela isikhumba esilumayo nesicwecwayo ekhanda. Ivame kakhulu kangangokuba ithinta cishe uhhafu wabantu abadala emhlabeni jikelele. Ziningi izinto ezingaba nomthelela ekubeni khona kwenkwethu, ngakho ukukhomba imbangela ngqo yesikhumba sakho sekhanda esilumayo nesicwecwayo kungaba nzima.Nawa amaphutha ambalwa angaba yimbangela, izinto ezikhishwa amagilandi ekhiqiza amafutha(sebaceous glands) , ukukhula kwesikhunta ngaphezulu kwesikhumba sakho, uhlobo lwemvubelo olubizwa nge-Malassezia olungacasula isikhumba sekhanda futhi lubangele ukukhula ngoweqile kwamamaseli esikhumba, ukungazigezi izinwele ngeshampu ngokwanele kanye nokukama izinwele zakho kakhulu noma ngamandla okungadala ukungqubuzana nesikhumba sekhanda esizwelayo.[2]

Izinkomba

  1. ↑ Dandruff - Symptoms and causes - Mayo Clinic
  2. ↑ "Dandruff: Causes, Treatment, and Prevention". Healthline (in i-English). 2017-02-07. Kulandwe ngomhlaka 2026-08-31.