Insindiso ngokobuKristu
EbuKristwini, insindiso (ebizwa nangokuthi ukukhululwa noma ukuhlengwa) ibhekisela esimweni umuntu angasifinyelela ngomusa uNkulunkulu ngokwamukela uJesu Kristu njengenkosi nomsindisi. Nakuba amabandla obuKristu engavumelani ngokuqondile ngokuthi umuntu ufinyelela kanjani ensindisweni, iningi liyavumelana ngokubaluleka kokulandela izimfundiso zikaJesu emaVangelini, ekholelwa ukuthi uJesu wafa futhi ngokuyisimangaliso waphinde wavuka, futhi liqaphela ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkunkulu noma uNkulunkulu Indodana. Umuntu owathola insindiso ubhekwa njengosindisiwe esonweni nasemiphumelweni yaso, kanye nokufa nokuhlukaniswa kuNkulunkulu. Futhi, nakuba loyo muntu eyisoni, ubhekwa nguNkulunkulu njengomuntu olungile futhi othole isithembiso sokuphila okuphakade. Amanye amabandla akholelwa ukuthi insindiso intholakala ngokukholwa kuphela (ngesiLatini: sola fide).
Umqondo wokufa kukaJesu njengokubuyiselwa kwesono somuntu ulotshwe eBhayibhelini lobuKristu, futhi ucaciswe emaVangelini nasezincwadini okuthiwa zavela kuPawulu umphostoli. uPawulu wabona amakholwa besindiswe ngokuhlanganyela ekufeni nokuvuka kukaJesu. AmaKristu Okuqala ayezibheka njengabahlanganyeli esivumelwaneni esisha noNkulunkulu, esivulekele kumaJuda kanye nabezizwe, ngokufa womhlatshelo kanye nokuphakanyiswa kukaJesu Kristu okulandelayo.
Izinkolelo zokuqala zobuKristu zomuntu nendima yomhlatshelo kaJesu ekusindisweni kwabantu zaqhubeka zacazwa kabanzi ngaboYise beSonto, abalobi beNkathi Ephakathi nabongqondonkulu banamuhla ngemichachiso/imibonomqondo yokuxolelwa kwezono ehlukahlukene, isib. umchachiso wesihlengo, umchachiso Christus Victor, umchachiso wokuphelelisa konke kuJesu, umchachiso wokwaneliswa kwokungamthobeli uNkulunkulu ngentoneko kaJesu, umchachiso wokudluliswa kwesijeziso sezono kuJesu, kanye nomchachiso wokwembulwa wentando kaJesu esiphambanweni.
Imibono ehlukahlukene ngensindiso (i-soteriology) iqukathwa kwemingcele ehlukanisa amabandla ahlukahlukene wobuKristu, kubandakanya izincazelo eziphikisanayo zesono nenkohlakalo (isimo sobusono sobuntu), ukulungiswa (indlela kaNkulunkulu yokususa imiphumela yesono), nokubuyiselwa (ukuthethelela noma ukuxolelwa kwesono ngokuhlupheka, ukufa nokuvuswa kukaJesu).