Insungebezi yaseGibraltha
Insungebezi yaseGibraltha, iyinsungubezi ewumngcingo exhumanisa uLwandlekazi i-Atlantic noLwandle iMedithera futhi ihlukanisa izwekazi iYurophu nezwekazi -Afrika . La mazwekazi amabili ahlukaniswe ulwandle lwamakhilomitha ali-14.2, endaweni yawo encane kakhulu. Iziwezi zinqamula phakathi kwamazwekazi amabili nsuku zonke ngemizuzu engama-35 nje kuphela. Ukujula kwensungubezi kuphakathi kwamamitha angama-300 kuya kwangama-900.
Le nsungubezi isemanzini aseMorocco, eSpain, kanye naseGibraltar eyizwe elingaphandle laseBrithani . Ngaphansi kweSivumelwano Sezizwe Ezihlangene Somthetho Wolwandle, imikhumbi nezindiza zakwamanye amazwe zinenkululeko yokuhamba kanye nokundiza ngaphezulu ukuze ziwele insungubezi yaseGibraltar uma kwenzeka kuqhubeka nokuhamba .