Insungubezi kaHomuzi


Insungubezi kaHomuzi iyinsungubezi ephakathi kwechwebakazi lasePheresiya kanye nechwebakazi lase-Omani. Iyona ndlela ewumngcingo wasolwandle osula kuchwebakazi lasePheresiya ebheke kuthantala lolwandlekazi futhi iyingoni yokukhwingca esemqoka ngokweqhingasu.[1] Yayihlezi injalo amakhulu eminyaka, iphakathi kwamazwe acebe ngokuhweba ngempahla kanokusho, kodwa yayiswele itheku elifikelelekayo lokuhweba. Encwadini yakhe yesikhumbulo, uBabur, owayeyi padishah yokuqala yoMbuso kaMughal, walanda indaba yendlela izinkovela (almonds) ezazithwalwa ngayo ziyiswa esifundeni esikude sasesigodini sikaFerghana kusetshenziswa insungubezi kaHomuzi ukuze zifinyelele izindayi.[2]
Ogwini olusenyakatho kunezwe lase-Irani, ogwini oluseningizimu kukhona ingasiqhingi iMusandam], eyabelwe amazwe iUAE Kanye ne-Omani. Insungubezi inobude obungamakhilomitha ayi-104, nobubanzi obungamakhilomitha angama 64[3][4]
Phakathi neminyaka yowezi-2023–2025, amaphesenti angama-20 ohowo lwemvelo olutshekeziwe (liquefied natural gas (LNG)) namaphesenti angama-25 wamafutha ohwebo kwakudlula ensungubezini ngonyaka. Insungubezi ayikaze ivalwe isikhathi eside ngisho nalapho kuliwa izimpi zaseMpuma ephakathi (ngokuphabene nensungubezi kaTirani) [5] nakuba izwe lase-Irani lalihlezi lisabisa ngokuyivala, futhi kwenziwa namalungiselelo wokufaka iziqhumani.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Igama lesiPheresiya elithi "Homuzi" kuthiwa igama likathixo wenkolo yamaZoroasta u-Ahura Mazda. Abanye bathi cha, leli igama lesiPheresiya elithi Hur-Mogh elisho ukuthi 'indawo yezingqasundu'. Kunomchachiso othi insungubezi yaqanjwa ngo-Ifra Hormizd, umama weNkosi uShapuri II, owabusa kusuka ngo-309 kuya ku397AD.[6]
NgesiZulu elithi 'insungubezi' lisho indawo engumcingo, kungaba eyamanzi ephakathi kwamazwe.[7]

Kusuka ngekhulu le-15 leminyaka kuya phambili, ngokombono weqhingasu labaqoneli, kuthiwa insungubezi kaHamuzi yabangebalulekile futhi yadlondlobala ngokufika kwamaPutukezi.
Ikhono lwezwe lase-Irani lokuvimba imikhumbi
[hlela | Hlela umthombo]Inselele yewakanyaka yezi-2002 kwakungumdlalo omkhulu wokuqeqesha umbutho wezempi waseMelika ngowezi-2002. Le nselele yayifefenyeka imizamo yezwe (elinjenge lase-Irani) yokuvala insungubezi. Imiphumela yaba undabuzekwayo. Iqhingasu elifefenyekwayo lase-Irani lehlula umbutho wezempi waseMelika kbi.[8]
Isilotshwa sowezi-2008 umhela obizwa Internationa Security, saphika ngokuthi izwe lase-Irani linamandla wokuvala insungubezi isikhathi esingangenyanga eyodwa, kuvinjwe sonke isinyokotho semikhumbi, futhi imizamo yezwe laseMelika yokuyivula uzosusa impi.[9] Kwesinye isilotshwa, lo mhela washicilela impendulo eyayiphikisa okulotshwe kuqala futhi yathi insungubezi ingavulwa ngesikhathi esifushane.[10]
Amaphathelelo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Viktor Katona. "How Iran Plans To Bypass The World's Main Oil Chokepoint". Oilprice.com. Archived from the original on 11 September 2018. Kulandwe ngomhlaka 11 September 2018. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ History of Civilizations of Central Asia Volume V: Development in contrast from the 16th century to the mid 19th century. UNESCO. p. 335.
- ↑ Jon M. Van Dyke (2 October 2008). "Transit Passage Through International Straits" (PDF). The Future of Ocean Regime-Building. University of Hawaii. p. 216. doi:10.1163/ej.9789004172678.i-786.50. ISBN 9789004172678. Archived from the original (PDF) on 7 August 2020. Kulandwe ngomhlaka 6 July 2019. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "The Strait of Hormuz is the world's most important oil transit chokepoint". U.S. Energy Information Administration. 4 January 2012. Archived from the original on 11 September 2018. Kulandwe ngomhlaka 11 September 2018. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "Oil Prices Jump, But Middle East Oil Keeps Flowing Uninterrupted". OilPrice.com. 17 June 2025.
the narrow lane has never been blocked in any previous conflict in the Middle East.
- ↑ Rezakhani, Khodadad (27 February 2020). "The Kingdom of Hormuz". Iranologie.com. Kulandwe ngomhlaka 14 December 2020.
- ↑ Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 770.
- ↑ Peterson, Scott (26 January 2012). "How Iran could beat up on America's superior military". Christian Science Monitor. Archived from the original on 17 February 2012. Kulandwe ngomhlaka 25 February 2012. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Closing Time: Assessing the Iranian Threat to the Strait of Hormuz Archived 21 August 2008 at the Wayback Machine., by Caitlin Talmadge, International Security, Harvard Kennedy School
- ↑ O'Neil, William D.; Talmadge, Caitlin (2009). "Costs and Difficulties of Blocking the Strait of Hormuz". International Security 33 (3): 190–198. doi:10.1162/isec.2009.33.3.190. http://www.mitpressjournals.org/doi/pdfplus/10.1162/isec.2009.33.3.190. Retrieved 28 February 2009.