International literacy day

Yini i-International literacy day?
I-International literacy day usuku lwamazwe ngamazwe lokufunda nokubhala. Lolusuku lubungazwa njalo ngomhlaka-8 kuMandulo emhlabeni jikelele, kusukela ngonyaka ka-1967.[1]
Izinjongo ze-International literacy day:
Inhloso yalolusuku ukuqwashisa umhlaba ngokubaluleka kokufunda nokubhala kanye nokugcizelela isidingo sokuthuthukisa ukufunda nokubhala njengelungelo eliyisisekelo. Minyaka yonke ngalolusuku kusuke kubukwa izinselele ezidala kubenzima ukufunda nokubhala kubantu bese kuqhamukwa nezixazululo ezintsha zokulwisana nalenkinga. Ohulumeni, imikhankaso, abaphathi bezinhlangano kanye nemiphakathi bayasebenzisana ngokwesekana ukwakha umhlaba ofundile nonokulingana lapho khona wonke umuntu enethuba lokufinyelela amandla akhe ngokuphelele. Phela ubunzima bokufunda nokubhala buvalelana amathuba emfundweni, emsebenzini, kwezempilo, kwezobuchwepheshe nasekuthuthukeni okungashabalali.[2]
Ukufunda nokubhala eNingizimu Afrika
Lapha eNingizimu Afrika uhulumeni wethula i-Kha Ri Gude Mass Literacy Campaign ngonyaka ka-2008 kuNhlolanja ngenhloso yokweseka imiphakathi ikwazi ukufunda nokubhala ngolunye lwezilimi ezisemthethweni kulezi eziwu-11 esinazo. Lomkhankaso obuye uvumele abafundi abadala ukufunda, ukubhala nokubala ngolimi lwabo lwasekhaya uphethwe umnyango wezemfundo eyisisekelo futhi usebenza kuzo zonke izifundazwe.[3]