Jump to content

Intombazane

Kubuya ku Wikipedia
Intombazane encane I-Laos

Intombazane (noma intombazana) ingumuntu wesifazane osemncane, ngokuvamile kusuka kwingane kuya kosanda kuthomba. Njengoba igama elithi intombazane linezinye izincazelo, kufaka phakathi owesifazane oyintombi engaganiwe, indodakazi noma intombi yesoka, kungakhathaliseki ubudala, incazelo yokuqala iyona eshaya emhloleni.

Ukuphathwa kanye nesimo samantombazane kunoma yimuphi umphakathi kuvame ukuhlobana kakhulu nesimo sabesifazane kulelo siko. Emasikweni lapho abesifazane bake baba nesikhundla esiphansi noma basanaso , amantombazane angase angafunwa abazali bawo, futhi umphakathi ungatshala imali encane kumantombazane. Umehluko ekukhulisweni kwamantombazane nabafana uyaba mncane noma ube mkhulu ngokuphelele. Ukuxubana kwabafana amantombazaje kungahlukahluka ngobudala, futhi kusuka ekuxubeni ngokuphelele kuya ekuhlukaniseni ubulili okuphelele.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi intombazane liyisinciphiso selithi intombi, futhi womabili avela esenzweni ukuthomba, lona elivela olimini olwandulela isiNtu kwelithi *tomba. Amanye amagama asho umuntu wesifazane omncane ngeminyaka ahlanganisa elithi inkazane. Elithi intombi libhekisela kowesifazane oyinkazane ngokuphelele, ikhule ngokwanele ukuba angaqoma, noma agane futhi alotsholwe. Ixuku lamantombazane livame ukubizwa ngokuthi ithimbana noma ithimbazana. Bese ixuku lezintombi lona libizwe ngokuthi ithimba. Amagama okuhlonipha asho amantombazane ahlanganisa elithi inkantanyana, intezazana.

Itshitshi

[hlela | Hlela umthombo]

Itshitshi intombazane esakhula, engakashadi, futhi evame ukubhekwa njengentombi emsulwa ngokosiko lwesizulu.[1] Igama elithi itshitshi lihambisana nokuhlonipha, ubumsulwa, kanye nokuziphatha kahle, kanti ngokwesintu amantombazane amaningi anjalo abamba iqhaza emicimbini yamasiko njenge-Umkhosi woMhlanga. Ukuzigcina uyitshitshi kubalulekile kakhulu esizweni samaZulu ngoba lokhu akuthinti intombazane yodwa kodwa kuthinta isithunzi somndeni nesizwe sonke.[2]

Itshitshi lisuke lisesikhathini lapho liphuma ebuntwaneni lingena ebudaleni. Ngokwesiko, lapho intombazane iqala ukubona izinsuku zayo zokuqala, kuthiwa 'isithombile'. Lapha kulapho ke isibizwa ngetshitshi. kulesi sigaba umzimba uyashintsha, nengqondo iqala ukuvuleka ngokubaluleka kokuziphatha.[3]

Namuhla, nakuba izikhathi sezishintshile, igama elithi itshitshi lisahlonishwa. Limele ithemba lesizwe, njengoba intombazane ekwaziyo ukuzigcina iseyitshitshi kuze kufike isikhathi sayo sokuqonywa( ukuba iqhikiza) noma sokwemula, ihlonishwa njengensika yomndeni nesizwe. Kubaluleke kakhulu ukuthi siwagcine futhi siwathande amasiko wethu , ngoba iwona awenza ukuthi sihluke kumasiko abanye abantu.[4]

Ukuthomba nobuntombi

[hlela | Hlela umthombo]

Iningi limigubho yokuthomba isuke yazisa ukungena kwentombazane esigabeni esisha sempilo, lapho isaqala ukufaka isibhinco sokuya odweni. Njengoba. elithi intombazane libhekisela kowesifazane omncane, kusuka koyisana kuya kosanda kuthomba, lapho lisetshenziswa kowesifazane omdala lisuke liyisiteketiso noma indlela yokuhlonipha. Elithi intombi lona libhekisela kowesifazane okhule ngokwanele, kusuka kothombayo okulungele okuqoma, ukugana nokulotsholwa. Elithi intombi libuye lisebenze nakowesifazane ongakayazi indoda, kuthiwa intombi, intombinto noma itshitshi. Ubuntombi igama elisho isimo sobumsulwa bokungayazi indoda. UMkhosi womhlanga ungumgubho wobuntombi lapho zonke izintombi ziziqhenya khona ngobuntombi bazo. Ubuntombazane bona buyisigaba sokuba intombazane. Womabili elithi intombazane nelithi intombi avela kwelithi ukuthomba. Ukuthomba kuchazwa ngokuthi isiko lokuqaphela ukuthi intombazane isikhulile. Kwazulu kwakhiwa idlangala eliizwa umgonqo, lapho intombazane yayihlaliswa ontanga kulo, izile amasi, inikwe imithi ebabayo efana nomvongothi, nomfundiso. Emgonqweni ifundiswa ngokuziphatha nesigaba sobuntombi.[5]

Nezinye izizwe zinamasiko wokuthomba ayenziwa wokuqaphela ukuthi amantombazane ayakhula, sewaphenduka izintombi. EJaphani ukuthomba kubizwa ngokuthi Shichi-Go-San (七五三), okusho ukuthi "Umkhothi-Isihlanu-Isithathu". Leli siko lokuthomba liwumkhosi waseJaphani owenzelwa amantomazane aneminyaka eyisikhombisa nemithathu nabafana abaneminyka emithathu neyisihlanu, ogujwa minyaka yonke mhla zili-15 kuNovemba. Intombazane ivunula ngengubo engokwesiko ebizwa kimono, futhi iyiswa ethempelini amalungu womndeni ukuze ithole isibusiso.

Ngokwesiko lama-Apache, umgubho wokuthomba kwamantombazane obizwa na'ii'ees (umgubho wokuvela kwelanga), futhi uthatha izinsuku ezine. Amantombazane abhecwa ngobumba kanye nempova, okungafanele bayihlanze kuze kuphele umgubho, ophela ngokusina nemicilikisho yokuvivinya izikhwepha. Nakhona amantombazane afundiswa ngobuntombi, ukuzethemba namakhono wokwelapha. Lo mgubho wavinjelwa amashumi eminyaka uhulumeni waseMelika; emva kokuvunyelwa kwawo ngowe-1978, waphindwe wavuselelwa.[6]

Emazweni waseMelika yesiLathini, kukhona umgubho obizwa fiesta de quince años okugujwa ngawo usuku lokuzalwa le-15 lentombazane. Lolu suku lokuzalwa luizwa ngokuthi Quinceañera. Lolu suku lugujwa ngendlela engafani nosuku lokuzalwa oluvamile, njengoba luphawula ukuphuma ebuntwaneni kwentombazane ingene ebufazini.[7]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Prakash, Pooja (2025-06-18), "Understanding the Facts, Myths and Mystery of Coma and Brain Death", Coma and Brain Death - Facts, Myths and Mysteries (IntechOpen), ISBN 978-0-85014-447-5, https://doi.org/10.5772/intechopen.114337, retrieved 2026-02-27
  2. "UPSpace Repository :: Home". repository.up.ac.za. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
  3. "UPSpace Repository :: Home". repository.up.ac.za. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
  4. "UPSpace Repository :: Home". repository.up.ac.za. Kulandwe ngomhlaka 2026-02-28.
  5. Nyembezi, Nxumalo (1980). INqolobane Yesizwe. Shuter & Shooter Publishers. p. 106.
  6. Paul L. Allen (2001-07-26). "Coming of age: Apache twins Fayreen and Farren Holden are welcomed into adulthood in a four-day tribal ceremony". Tucson Citizen. Archived from the original on 2016-03-03. Kulandwe ngomhlaka 2011-10-23. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  7. "Fifteen Questions on the Quinceañera". United States Conference of Catholic Bishops. Archived from the original on 2011-07-16. Kulandwe ngomhlaka 2017-07-31. Unknown parameter |url-status= ignored (help)