Intshona
Ummomo
Intshona iyinkanyezi yesibili egqame kakhulu yesishomo esiseningizimu esibizwa isiphambano saseningizimu (ilandela inkanyazimu), futhi iyinkanyezi yama-20 egqame kakhulu esibhakabhakeni sasebusuku . Inegama lomjinjo kaBayer elithi β Crucis. Intshona yakha ingxenye yokunyonta okuvelele okubizwa ngokuthi isiphambano saseningizimu. Iwuhlelo lwezinkanyezi ezintathu.