Inzalo yelanga
Inzalo yelanga (noma ulinganosuku laseNingizimu) yisikhathi lapho iLanga libonakala linqamula inkabazwe yasezulwini, libheke eningizimu. Ngenxa yokwehluka phakathi konyaka wekhalenda nonyaka wasezindaweni zenjikalanga, ulinganosuku lukaSeptemba lungenzeka kusukela ngoSeptember 21 kuya ku-24.

Ngoksuku lolinganosuku, lapho ilanga libonwa kusuka enkabazwe liphuma ngasempumalanga bese lishona ngasentshonalanga. Ngaphambi kolinganosuku oluya eNingizimu, ilanga liphuma futhi lishone enyakatho, futhi ngemuva kwalokho, liphuma futhi lishone eningizimu.
Ulinganosuku lungathathwa njengoluphawula ukuphela kwehlobo lomchazamkhathi nokuqala kwekwindla lomchazamkhathi enyakatho negambulanga, kuyilapho luphawula ukuphela kobusika bomchazamkhathi nesiqalo sentwasahlobo yomchazamkhatho eNingizimu negambulanga.