Jump to content

Iqakamba

Kubuya ku Wikipedia
Abadlali beqakamba esiqithaneni esisenkundleni.

Iqakamba (noma ngebizomfakela ikhilikithi) umdlalo wephini lokuqunya nebhola odlalwa phakathi kwamaqembu amabili wabadlali abayishumi nomuvo, esiqithaneni senkundla esingamagxathu angama-66 esinezibhuku (stumps) ezintathu emahlongathini womabili, ezisekela iziqothana (bails) ezimbili phezu kwazo. Abadlali ababili eqenjini elishwibayo (bowling), umqunyi nongaqunyi (batting), bama ngaphambi kwezibhuku bephethe amaphini wokuqunya, kuyilapho umdlali oyedwa wewoma elinqakayo, umshwibi, ezoshwiba ibhola alibhekise ezibhukwini eziphambi komqunyi ohlangothini olulungene naye. Impokophelo yomqunyi ukuqunya ibhola elishwitshwayo ngephini (isiqunya) bese beshintshana ngendawo nalowo ongeyena umqunyi ukuze naye ayoqunya, belokhu beshintshana ngokuqunya ibhola begaya amaphuzu ngokushintshana. Imigijimo inikwa amaphuzu alapho ibhola beliqunyuza leqe unqenqema lwenkundla noma lapho ibhola lishwitshwa kabi.

Iqembu elinqakayo inhloso yalo ukuvimba imigijimo (runs) ngokukhipha abaqunyi. Lokhu bakwenza ngezindlela eziningana, ezihlanganisa ngokushwiba ibhola lishaye izibhuku kuwe iziqothana (bails), noma lapho abanqaki benqaka ibhola lingakathinti phansi emva kokuthi liqunyiwe, noma ngokushaya izibhuku ngebhola ngaphambi kokuthi umqunyi eqe umugwa wokuphepha ophambi kwezibhuku. Lapho abaqunyi abayishumi bekhishwe bonke, kuphela ihlandla futhi amaqembu kufanele ashintshane. Izinhlobo zomdlalo weqakamba ziyahluka njengoba kukhona umdlalo wesivivinyo wezinsuku ezinhlanu, kanye nomdlalo we-T20, lapho khona amaqembu aqunya ihlandla elilodwa lamaqoqo (iqoqo ngalinye linamathuba ayisithupha wokuqunya) futhi lo mdlalo ungathatha amahora amane.

Ngokwesiko lawo, lo mdlalo udlalwa ngomfaniswano omhlophe, kodwa nemibala yamaqembu yamukelekile. Phezu komfaniswano, abadlali babuye bagqoke izambatho zokuzivikela bangalinyazwa yibhola, njengoba liyisikhumanqa esiqinile esiyimbulunga esakhiwe ngesikhumba esibuthaziwe futhi linompetho womthungo womucu okhingiwe.

Lo mdlalo waqala ezweni laseNgilandi maphakathi nekhulu le-16. Wasakazeka emhlabeni wonke ngenxa yokwanda koMbuso wamaNgisi. Lo mdlalo ulawulwa inhlangano ebizwa UMkhandlu Wamazwe Weqakamba (International Cricket Council -ICC), onamalunga angaphezu kwekhulu, ayi-12 angamalunga unomphelo futhi adlala imidlalo yesiivinyo. Imithetho yomdlalo eyaziwa ngokuthi Imithetho Yqakamba, inakekelwa Inhlangano Yqakamba eseMarylebone. Lo mdlalo uthandwa kakhulu emazweni afana neNdiya, ePakistani, eBangladeshi, eSri Lanka, e-Afghanistani, e-Australiya, eNew Zealandi, eNgilandi, eWales, naseNingizimu Afrika kanye naseziqhingini zolwandle laseKharibiyeni. Kulezi zinsuku lo mdlalo awusadlalwa abesilisa kuphela, kodwa nabasifazane banesasasa kuwo.