Jump to content

Iqeqeba

Kubuya ku Wikipedia
Iqeqeba lethafa laseGeikie eGreenland
I-Taschachferner e- Ötztal Alps e-Austria. Intaba ngakwesobunxele yi- Wildspitze (3.768 m), eyesibili ukuphakama e-Austria

Iqeqeba liyithantala leqhwa noma umkhence oluwuhlobo lwetshe, oluhlezi lundikiza ngenxa yesinzima sazo. Iqeqeba lakheka lapho umkhithiko weqhwa lunqwabelana futhi lungasasuki emva kweminyaka, namakhulu eminyaka. Iqeqeba liyagobhoza liguquke nesimo ngaphansi kwengcendezi yomnyondo, ludlule kokubili ekulembululekeni nasekuwohlokeni kokuvendlezeka, futhi luba nolwangu oluphawulekayo olufana nolomtshako weqeqeba (crevasse) namadwala. Lapho iqeqeba linyakaza, likhothula amatshe angaphansi neziwidi ukuze lakhe umhlabasiqu weqeqeba, ofana nomqakulo (cirque), imfukuma (moraine) nengenela elimaqala (fjord). Nakuba iqeqeba likwazi ukugobhozela ethantaleni lamanzi futhi lingaba namathala womkhence, lona livela ezweni kuphela, futhi alifani nomkhence osolwandle ozacile noma umkhence wasechiini owakheka ebusweni bamanzi aqandileyo.