Iqoma

Iqoma liyisiqukathi esakhiwa ngokwesiko ngezinxoza eziqinile, futhi singenziwa ngezinto ezihlukahlukene, okuhlanganisa amazubela wokhuni, amanombeli, utshani, uqalo kanye nomoba. Nakuba amaqoma amaningi enziwa ngezitshalo, azinye enziwa ngizinto ezifana neshoba, noma izintambo zenkimbi. Amaqoma ngokuvamile alukwa noma achushwe ngesandla. Abanye amaqoma afakwe isiivalo, kanti amanye ashiywa evuliwe ngaphezulu.
Ukusetshenziswa kwalo
[hlela | Hlela umthombo]
Amaqoma asetshenziselwa ukuba usizo kanye nokuhlobisa. Amanye amaqoma angawemicikilisho, okungukuthi, angawenkolo, nangokwemvelo.[1] Nakuba amaqoma ngokuvamile asetshenziselwa ukuvuna, ukuqoqonga kanye nezokuthutha, Amaqoma akhethekile asetshenziswa njengezihlungo ngezinjongo ezihlukahlukene, okuhlanganisa ukupheka, ukuhlunga imbewu noma okusanhlamvu, ukujikijela izingcezu zokubheja, iziphephezamoya, izicupho zezinhlanzi, ilondolo, nokuqoqonga okudliwayo.[2]
Izinhlobo zamaqoma
[hlela | Hlela umthombo]- Imbenge - uhlobo lweqoma esingumcengezana esnomlomo obanzi kakhulu, esishona kancane. Imbenge kuyadlelwa kuyo futhi kumbozwa ngayo amanye amaqoma, ibizwa nangokuthi ingcazi.
- Ingcelu - Uhlobo lweqoma olufana nembenge, inomlomo obanzi kakhulu, ishona kancane futhi ithanda ukuba yisicaba.
- Isichumu - Iqoma elisambulunga eliyisitsha esiphatha utshwala, sichushwa ngamaqabunga wesundu. Sibizwa nangokuthi isigubudu.
- Isilulu - uhlobo lweqoma olukhulu oluchushwe ngotshani bengcobosi, luqoqonga ukudla, lunomlomo omncane.
- Iqoma - kukhona nesiphatho esbizwa iqoma esivamile, sinomlomo omkhulu njengembenge, sithwala ukudla, izithelo nezilimo. Sibizwa nangokuthi Ingcengce.
- Isiqabetho - leli iqoma elikhulu elinesinqe esibanzi esishonayo. Isiqabetho sikhulu kuneqoma, nesilulu.
Amaphathelelo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Hopi Basketry". Northern Arizona Native American Culture Trail. Archived from the original on March 28, 2012. Kulandwe ngomhlaka Nov 13, 2011. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "About Baskets". Archived from the original on September 3, 2018. Kulandwe ngomhlaka April 2, 2019. Unknown parameter
|url-status=ignored (help)