Isabelomali
Isabelomali uhlelo lokubala, ngokuvamile ukwabiwa kwezimali, isikhathi esithile esinqunyiwe, ngokuvamile unyaka owodwa noma inyanga. Isabelomali singahlanganisa amanani entengiso alindelwe kanye nemalingeniso, ubungakonani bezinsizakusebenza okuhlanganisa isikhathi, intengo kanye nezindleko, imithelela yemvelo efana nohowo olungcolisa umoya, eminye imiphumela, ingcebo, izimelo kanye nokugeleza kwemali . Izinkampani, ohulumeni, imindeni, kanye nezinye izinhlangano zisebenzisa izabelomali ukuveza izinhlelo zamaqhingasu wobuqhebeqhebe ngokwemigomo elinganisekayo.
Ukulungiselela isabelomali kuvumela izinkampani, iziphathimandla, imenzo ezimele noma imindeni ukuthi ibeke izinto eziza kuqala futhi icubungule ngokufezwa kwezimpokophelo zayo. Ukuze kufezwe lezi zimpokophelo kungadingeka ukuthi kube nokuntuleka kwemali (izindleko ezidlula imalingeniso) noma, ngokuphambene nalokho, kungenzeka ukuthi kongiwe, ukuze isabelomali sizoletha imali eyengeziwe (imalingeiso edlula izindleko).
Emkhakheni wezentengiselwano, isabelomali siphinde sibe umbhalo wezezimali noma umbiko oningiliza ngezindleko ezizoba khona lapho inkonzo ethile yenziwa. Noma ngubani owenza isabelomali kumele alandele futhi akufanele asiguqule uma umthengi amukela inkonzo yakhe.
Isabelomali siveza izindleko ezizoa khona kanye neziphakamiso zendlela yokuhlangabezana nazo ngezinsizakusebenza. Isabelomali singaveza imali eyengeziwe, sinikeze izinsizakusebenza ezingasetshenziswa esikhathini esizayo, noma siveze ukuntuleka lapho izindleko zidlula khona imalingeniso noma ezinye izinsizakusebenza.

Uhulumeni
[hlela | Hlela umthombo]Isabelomali sikahulumeni siyisifinyezo noma uhlelo lokwabwa kwezinsizakusebenza ezilindelwe (ngokuvamile kodwa hhayi njalo ezivela enteleni) kanye nezindleko zalowo hulumeni. Kunezinhlobo ezintathu zesabelomali sikahulumeni: isabelomali sokusebenza noma samanje, isabelomali sotshalomali, kanye nesabelomali sokugeleza kwemali.
Ngokwezwe
[hlela | Hlela umthombo]INingizimu Afrika
[hlela | Hlela umthombo]Isabelomali sikaZwelonke saseNingiimu Afrikasiwuhlelo lokwabiwa kwemali olwethulwa uNgoqngoqshe Wezezimali ePhalamende. Luyixhokoviyane lendlela uhulumeni alindele ukukhuphula ngayo imalingeniso yezwe nendlela leyo mali ezokwabiwa ngayo eminyangweni ehlukahlukene nasezinhlelweni zikahulumeni kunyakamali omusha. Imalingeniso ngokuyinhloko ivela enteleni, kuhlanganisa intela yemiholo, intela yemishumanqa, kanye nentela ejobelwayo. Umngcinimafa kaZwelonke uyena ulungiselela isabelomali futhi welusa ukugunudwa kwaso unyaka wonke.