Ishaqantuva
Appearance
Ishaqantuva (noma Umthulonyondeni) yinhlwa yevanga; inophawu U nenani lobuchwe elingama-92. Liyinkimbi empunga sacwebe ochungeni lwezAcagu esixwexweni sezinhlwa. Ichwe leshaqantuva lunezinelesi ezingama-92 nezinzuba ezingama-92, Eziyisithupha zazo ziyizinzuba ezinanayo. Ishaqantuva libhucuka ngokuyonzayo, ngokuvamile ngokuphafuka izinhlayiyana Nye.