Jump to content

IsiKwele soMuzi

Kubuya ku Wikipedia
Isikwele esingaphambi weSango likaTiananmen lwesigodlo soMuzi oNgavumelekile eBeijing eJongihuwo
Isikwele esingaphambi kweBhasilika kaNgcwele Petru eRoma eTaliya

IsiKwele soMuzi siyindawo evulekile evamile ukuzingezwa imigwaqo kanye nezakhiwo lapho abantu behlangana khona. Isikwele sivamile ukundlawa ngophansi oluqinile njengamatshe nezitina, kodwa amanye amazwe kakhulu eNingizimu Mpumalanga Eshiya, avame ukundlalwa ngotshani. Isikwele simqoka ekuhlelweni kwamadolobha emazweni amaningi ngokuba siletha ubukhanya futhi sivamile ukuba yindawo abantu bakwazi ukuhamba ngezinyawo bangaphamaziswa izimoto nezinye izinhlobo zemithutha ezihambelayo.

Kuvamile ukuthi kube nesakhiwo esibalulekile noma esoqhakanjisiwe esikweleni somuzi njengesigodlo, isakhiwo senkolo, noma isiphumulo sezitimela. Izikwele zindawo lapho izehlakalo eziningi ezimqoka emlandweni wezizwe zenzeke khona: uMengameli waseGibhithe uHosni Mubarak umenulwe ngenxa yemibhikisho esikweleni saseTahrir eKhahirah, amaTsar aseRosiya amenulwe emuva kwemibhikisho yesiKwele esiBomvu ngaphambu kweKremlin eMoskva, kanye isimemezelo sokusungulwa kweRiphabhuliki yaBantu yaseShayina kanye nemibhokisho wentandoyeningi enezakele esikweleni saseTiananmen eBeijing.