Jump to content

IsiThununu senkonzo

Mayelana Wikipedia
IBukwa: Uhlobo lwesithununu senkonzo esaduma ekwandeni kobuchwepheshe bekhaya eliyintwesi siyigunditshani esiyisithununu, lana esisetshenziswa engadini encane.

IsiThununu senkonzo sakhelwe ukusiza abantu, imvama ngokwenza imisebenzi engcolile, ethunazayo, ekude, eyingozi noma ephindaphindwayo. Imvama ziyazihleleleka (autonomous) noma zigidingiswe uhlelo lokulawula olwakhelwe kuzo, olunemikhetho yokuphambimyalo (override) ngesandla. Ibizo elithi "isithununu senkonzo" alinayo incasiselo eqondile. Inhlangano yoMhlaba yokuNdinganisa ichasisa "isithununu senkonzo" njengesithununu "esenza imisebenzi ewusizo kubantu noma emathuluzini ngaphandle kwemisebenzi yenhleleleko yezimboni”.