IsiThununu sezimboni

Mayelana Wikipedia
IsiThununu sezimboni eguxaziwe esisebenza endaweni yokuncibilikisa.

Isithununu sezimboni siwuhlelo lwesithununu olusetshenziselwa ukukhiqiza. Izithununu zezimboni ziyahlelelekwa (automated), ziyahleleliseka (programmable) futhi ziyakwazi ukuhamba ngamachopho amathathu noma amane.

Imisebenzi ewunongo yezithununu ihlanganisa ukushisela, ukubheca, ukuhlanganisa, ukuhlakahla, ukukhuphulula nokubeka eziqengqeni zomthandelo ezishicilelwe, ukugcishaza nokugqaba, ukuqhinqa, ukuhlola imikhiqizo, nokuvavanya; yonke efezwa ngokukhuthazela, ngejubane eliphezulu nobunyoninco.

Ngonyaka wezi-2000, kuqagelwa ukuthi izithununu zezimboni ezingaba isigidi esi-1.64 zazigidingiswa umhlaba wonke.